U-PASTOR MBORO UTHI UZONQOBA NGESIPHAMBANO
NGESONTO eledlule kusabalale i-video lapho uPaseka “Pastor Mboro’ Motsoeneng ebonakale ethwele isiphambano esikhulu emahlombe ehamba ezitaladini zasemigwaqeni yaseGoli. U-Pastor Mboro uthe lokhu bekuwuphawu lokukhululwa kwezikamoya namandla njengoba ebhekene necala nje.
“Sasikude noNkulunkulu, kodwa wasisondeza kuye ngegazi likaJesu, nangesiphambano. Zonke iziphambeko zethu, izifo zathwala uye esiphambanweni”, kusho u-Pastor Mboro.
U-Pastor Mboro ubhekene namacala ahlanganisa elokuthumba, ukuphatha izikhali eziyingozi nokushaya akwenza esikoleni esifunda abazukulu bakhe iMatshidiso Primary School eKatlehong eGoli.
NgoNcwaba, u-Pastor Mboro nayehamba nabo babonakala kwi-video besesikole sabazukulu bakhe ababili abazalwa indodana yakhe behlome ngezinkemba nangesibhamu esikhulu, befuna ukubathatha ngenkani [abazukulu].
U-Pastor Mboro uthe izinkemba bazisebenzisela ukuvula isango futhi akekho umuntu owalinyazwa. “Izinkemba sazisebenzisela ukuvula isango. Angikaze ngilimaze muntu ngoba ngangisebenzisa inkemba kamoya. Ungahleka noma ugxeke”, kusho yena.
U-Pastor Mboro ubuye wakhuluma ngecala elibhekene nabantu abayishumi nanye (11) abahlasela indodana yakhe, u-Revival. Laba solwa baboshwa kanti bazobhekana namacala okushaya nokusabisa.
“Abantu abalimaza imoto yami bayavela manje, bashaya indodana yami, bayilimaze kanzima ebusweni bayishiya inezibazi. Sike sathwala kanzima kulezi nsuku eziyikhulu (100) kodwa uNkulunkulu uzibonakalisile. Namuhla isiqalo nje, ngizonqoba ngesiphambano”, kusho yena.
“Noma ngingabhekana nalempi ngingedwa nabantu abayishumi, abayikhulu nabayisigidi, ngizonqoba”, kuphetha u-Pastor Mboro.