KUFE INGANE (4) KWALIMALA ABANGU-12 KUPHAPHALAZA IMOTO KU-R74
IMOTO ephelelwe ama-brakes iphaphalaza yahlanza bonke abantu abayishumi nambili (12) abebephakathi emgwaqeni u-R74 e-Blythedale ngaseThekwini ngeSonto. Le moto kuthiwa iphelelwe ama-brakes umshayeli wayo wahluleka ukuyilawula yabe isiphenduka kaningi, ithanqaza ngaphandle bonke abebephakathi.
Abantu abebephakathi balimele kuhlanganisa nengane eneminyaka emithathu (3), ngeshwa enye ingane eneminyaka emine (4) ife ujuqu kule ngozi.
Abasindile baphuthunyiswe esibhedlela esiseduze ukuze bethole ukwelashwa.
Kwenye ingozi eyenzeke oTongaat emgwaqeni u-Watson Highway ngoLwesihlanu kulimale abantu ababili abebephakathi emotweni, ngenhlanhla akekho okubikwe ukuthi ufile. Le ngozi yenzeke ngabo-18:00 kusihlwa.

Isithombe: Izingozi ezenzeke emigwaqeni u-Watson Highway no Ballito Drive KwaZulu-Natali ngoLwesihlanu.
Ngawo uLwesihlanu kushayisane kabi isithuthuthu nemoto encane laphaya ku-Ballito Drive, e-Ballito. Umshayeli wemoto akalimalanga kodwa obehamba ngesithuthuthu ulimaze kanzima kwaze kwadinga ukuthi anikwe usizo lokuqala khona endaweni yesigameko.