ABANTUIzindabaUmculo

USEZINGENI ELIPHEZULU KAKHULU UMCULO KA-ENTAGO WASEMANDENI

USAMKELO ‘Entago’ Mthethwa (20) owenza i-Hiphop ne-Piano uqopha umculo osezingeni eliphezulu kakhulu yize okwamanje esazihlanganisela kule ndima yomculo. U-Entago oqale ukwenza umculo ngo-2018 uyaziqophela umculo wakhe njengoba imishini yokuqopha azithengela yena. “Imishini yokuqopha ngayithenga ngonyaka odlule ukuze ngikwazi ukuzenzela yonkinto ngingaciki kumuntu”, kusho yena.

“Ngiyazibambela ekudidiyeleni izingoma zami kodwa kwesinye isikhathi ngisizwa uSphelele ‘Slxm’ Gumede ongumqambi nomdidiyeli wezingoma.

Phakathi kwezingoma aseke wazikhipha kukhona ethi Put It Back, Clock World EP kanye nezinye. Izingoma zika-Entago zitholakala enkundleni yomculo i-Sound Cloud lapho atholakal khona ngegama elithi Entago.Lyric.

Utshele UMKHAYA ukuthi uyakwazi ukwenza wonke umculo ngoba uyazenza izingoma nabaculi abehlukene abenza izinhlobo ezehlukene zomculo uma bemcela ukuthi besebenzisane.

U-Entago okhulele eMacambini ufunde eSikhuthele High esikoleni wabe esedlulela eMaphephetha High School eNdwedwe lapho aphothule khona umatikuletsheleni.

Njengokujwayelekile asibhali ngomculi singazilalelile izingoma zakhe, umhleli woMkhaya angakuqinisekisa ukuthi uma umsebenzi ka-Entago ungafika ezandleni ezifanele angaya kude. Kune ngoma edidiyelwe u-Sxlm ethi Red Band ‘ebabayo’ ngolimi lwasemculweni, noma kanjani izinhlelo ze-Hiphop emsakazweni ngeke ziyeqe kwi-playlist.

Enye ingoma ehlabe umxhwele umhleli waleli ziko lezindaba ethi Too Soon.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.