EZEMIDLALOIzindaba

UMONDLI MAKHOBA USEJOYINE I-TS GALAXY FC

UMLINGISI wemidlalo kamabonakude, uMondli Makhoba usejoyone iqembu lebhola eligijima ku-Betway Premiership, i-TS Gallaxy FC njengenxusa layo. Leli qembu ngomlomo kasihlalo walo, uMnuz. Tim Sukazi lithe ukujoyinwa uMakhoba kuhambisana nombono walo wokukhuthaza intshesekelo, ubumbano kanye nokuthuthukisa imiphakathi ngebhola.

“UMondli uletha intshisekelo, ukuziqhenya kanye nefuzela eliyiqiniso elingena khaxa kumaseko eqembu. Lokhu kubambisana kuzoshintsha izinto futhi simagange ngokulandelayo okuzokwenzeka”, kusho usihlalo eqembu, uMnuz. Tim Sukazi.

Ephawula ngokujoyina kwakhe i-TS Galaxy uMakhoba uthe: “Ngizizwa ngihloniphekile ukujoyina umndeni we-TS Galaxy. Leli qembu lingaphezu kokuba elebhola. Limele intshisekelo, ukubekezela, umoya wokuzwana, nokuyinto yonke engiyiyona. Ngimagange ukuhamba le ndlela neqembu kanye nabalandeli balo”, kusho uMondli Makhoba.

UMondli Makhoba useke wabonakala emidlalweni emikhulu yakuleli efana efana ne-‘Genetations: The Legacy’, ‘The Wife’, ‘Shaka iLembe’ neminye eminingi.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.