KWETHULWE IZINHLELO ZENTUTHUKO EDIDIYELWE EMACAMBINI
UYIHAMBISA ngamandla intuthuko emiphakathini yamakhosi umkhandlu wamakhansela kamasipala waseMandeni njengoba kuthe ngoLwesibili wahambisana nomasipala wesifunda iLembe ukuyokwethula usomqulu wentuthuko edidiyelwe emhlanganweni obuseMacambini. Lapha bekuhlanganiswe ama-ward 1, 2, 8, 9 nengxenye ka-ward 3 okuyiwo angaphansi kweNkosi yaseMacambini, iNkosi Mthokozisi Mathaba.

Isithombe: Amakhansela emikhandlu owaseMandeni nowesifunda iLembe ehlaba isoyi lomsebenzi wokufakwa kwamanzi eMacambini
Abantu bebephume ngothi lwabo bezozwa ukuthi uhulumeni wendawo nowesifunda babaphathele ziphi izinhlelo zentuthuko kulo nyaka wezimali.
Kulo mhlangano kuphendulwe isoyi kwaphinde kwethulwa ngokusemthethweni usonkontileka ozokwenza umsebenzi wokufaka amanzi emagcekeni ku-ward 2, 3 kanye no-9.
Lo msebenzi ongu-phase 5D, uzokwenziwa inkampani iMdima Civils ngenani lemali engu-R47.5 million kanti ukufakwa kwamanzi ngamapayipi kuzosabalaliswa ebangeni elingango-45.0km.
Kuwo lo mhlangano kuphinde kwethulwa osonkontileka abazokwenza umsebenzi wokulungisa imigwaqo yebhuqu ezigcemeni ezingaphansi kwendawo yaseMacambini. Yonke lemisebenzi izodala imisebenzi kubantu bendawo kuphinde kuthuthukise ingqalasizinda endaweni.