KUDUTSHULWE KWAFA UMFUNDI, ABABILI BALIMALA BEYA ESIKOLENI
UMFUNDI oneminyaka eyishumi nane (14) udutshulwe wafa kwathi ababili balimala kanzima e-Elsies River e-Cape Town ngoLwesibili. Umbiko wamaphoyisa uveze ukuthi laba bafundi bebeya esikoleni ngesikhathi kwenzeka lesi gameko.
Okhulumela amaphoyisa akuleya ndawo u-Brigadier Novela Potelwa uthe babikelwe ukuthi kwehle amadoda amabili emotweni ethile abehlome ezingovolo emgwaqeni u-Donnegal Street avulela ngenhlamvu.
“Oyedwa kulabafundi ufe endaweni yesigameko kwathi ababili, oneminyaka eyishumi nanhlanu (15) noneminyaka eyishumi nesithupha (16) baphuthunyiswa esibhedlela”, kusho u-Brig. Potelwa.
Uthe kuqalwe uphenywa futhi amaphoyisa asezithendeni zabasolwa abazobekwa amacala okubulala nokuzama ukubulala.
“Kuthe emuva kokudutshulwa kwalabafundi kwezwakala ukuthi sekudutshulwe kwalinyazwa indoda eneminyaka engamashumi amahlanu nanhlanu endaweni ebuqamama nokwenzeke kuyo isigameko sabafundi. Le ndoda ilashiwe yabuye yadedelwa”, kusho u-Brig. Potelwa.
“Le ndawo yandiselwe amaphoyisa azoyiqapha ngeso lo khozi, isimo size sibuyele kwesejwayelekile”, kusho yena.
Ukuthola isizathu esiholele kulesi gameko kuyingxenye yophenyo lwamaphoyisa. Kuvele ukuthi emuva kokudubula oshayasbhamu babonakale bebaleka benqamula ezinkundleni zemidlalo zesikole i-St. Andrew Technical High School.
Kwenzeka lesi sigameko nje, izikole zakuleya ndawo zimisiwe ukusebenza, abafundi bonke bayalelwe ukuba behlale emakhaya. Nokho abakamatikuletsheni bona bayaya ezikoleni njengoba besabhala izivivinyo zokuphela konyaka. Ezokuphepha ziqinisiwe kulezi zikole okubhalwa kuzona.