U-DJ FRESH UPHAHLULUKE NGOMSAKAZO ABUYELA KUWO E-SABC
OKE wasebenzela imisakazi engaphansi kwe-SABC, i-Metro FM ne-5 FM, uThato ‘DJ Fresh’ Sikwane useveze ukuthi uzobuyela komunye wemisakazo ye-SABC ngokuqala konyaka olandelayo wezimali. Lo DJ oneminyaka engamashumi amahlanu nambili (52) uke wasakaza kweminye imisakazo eminingi kuleli kuhlanganisa i-947 engaphansi kwe-Primedia Broadcasting.
Ngo-2021, u-DJ Fresh uxoshwe kanye noThemba ‘DJ Euphonik’ Nkosi kwi-947 emuva kokusolwa ngokudlwengula intokazi engadulwangwa ezigamekweni ezehlukene. Benza isitatimende ngokubambisana sebehamba lapho abathi khona basazoke bethi ukuma kancane ukuzwakala emsakazweni nokuba semehlweni abantu besazama ukuhlanza amagama abo. Izinhlelo zabo zokugcina abazenza ngokuhlukana kulo msakazo zaba ngomhlaka-15 Lwezi 2021.
Emuva kwesikhathi eside egcine ukuzwakala emoyeni uphahlulukile emcimbini obuwenziwe inhlangano kaNathi ‘DJ Black Coffee’ Maphumulo, i-Black Coffee Foundation lapho aveze khona ukuthi uthokozile ngokubuyela emsakazweni.
“Ngimatasa kakhulu futhi kuyangithokozisa ukuthi ngonyaka ozayo ngibuyela emsakazweni. Sekuyisikhathi eside, iyonanto lena engiyijahe kakhulu ngonyaka ozayo. Ngeke ngilisho igama lesiteshi engizoya kusona. okwamanje ungabe ubukela i-podcast yami i-WAW-What A Week.
Ekhuluma neziko lezi ndaba i-TimesLive, u-DJ Fresh uthe uzobuyela emsakazweni ongaphansi kwe-SABC.