AMAPHOYISA ATHELE OTHULINI ABASOLWA (3) ABEBEPHANGA IMOTO YEMPAHLA YASENDLINI
LUPHELE ngezinyembezi usuku lwabalisa abathathu abaphange imoto ethwala impahla yasendlini (appliances) abadutshulwe amaphoyisa bafa ujuqu e-Marianhill, KwaZulu-Natali ngoLwesithathu ebusuku. Kuthiwa laba batholakale nezibhamu ezimbili ebezicishiwe izinombolo kanye nezinhlaba okungekho emthethweni.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa esifundazweni, u-Colonel Robert Netshiunda kuthe ngoLwesibili ntambama kwaphangwa imoto eyi-Hyundai H1, ethwala izimpahla zasendlini ku-Intake Road e-Marianhill.
U-Col. Netshiunda uthe le moto ephangiwe ibigcwele phama izimpahla zasendlini zenani elingeke lidalulwe. “Ezobunhloli emaphoyiseni zilandele umkhondo wayo le moto oziholele ehostela elise-Klaarwater khona e-Marianhill. Amaphoyisa athole umbiko othi abasolwa bayabonakala bethutha impahla beyifaka emotweni eyiveni.
“Athe mayefika kule ndawo amaphoyisa ayibona le moto abetshelwe ngayo ase ezama ukuyimisa, umshayeli wayo kazange ame kunalokho uvele wayifaka umlilo yadla amagalane. Amaphoyisa abe esehlala ezithendeni zayo”, kusho u-Col. Netshiunda.
Ngesikhathi sekuhujwana abasolwa baqale ukudubula amaphoyisa kwase kudutshulwana phakathi kwezibengu namaphoyisa.
“Kube sekuthi ekhoneni lemigwaqo, u-Henry Pennington road noNdwandwe road khona e-Marianhill kwabonakala imoto yabasolwa ima. Amaphoyisa asondelile kuyo athola ukuthi abasolwa abathathu balimele kanzima”, kusho u-Col. Netshiunda.