CABANGA NGAPHAMBI KOKWEHLULELA
NGIYAKUBINGELELA Mfundi wale ngosi yethu ebalulekile yabaNqobi. Ngyethemba ukuthi njengoba ubuya kumaHolide ephasika ubuya nomvutho omusha nokuvuseleleka. Namuhla ngifisa kesikhulume ngikwahlulela umuntu kepha singayazi indaba ephelele ngaye. Kuyenzeka umuntu azithole ezondwa okanye encishwa amathuba ngenxa yokuthi sekuthathwe izinqumo ezithile ngaye kepha indaba ephelele ngaye ayaziwa, nokuthi kungani enze lokhu akwenzayo.
Ngelinye ilanga ngake ngaxoxelwa indaba emfishane engbonayo ukuthi iyahambisana nesihloko sethu sanamuhla. Ngelinye ilanga indoda ethile yayigibele iBhasi ihamba nendodana yayo. Bahleli nje esihlalweni esisemuva. Bese ibhavumula indodana ithi “Baba, awbuke izihlahla ziyahamba”. Uyise wamoyizela kancane, kepha ababeseceleni babebukeka benokudideka nokudabuka. Mhlawumbe babecabanga ukuthi ugula ngenqondo umfana. Kwedlula imizuzwana wezwakala esho kakhulu futhi ngenjabulo ” Baba, awbheke ngisho namafu agijima kanye nathi”. Behluleka ukuthula ababehleli eduzane nalendoda. Bathatha bathi “Kungani ungamusi koDokotela undodana sengathi khona okungahambi kahle”. Cishe babebuka izenzo zakhe beziqhathanisa nobudala bakhe. Lensizwa esencane yayibukeka ingaphezulu kweminyaka engamashumi amabili(20). Wamoyizela kancane uyise wayo wabe esethi “Empeleni sphuma khona esibhedlela, undodana lo ubengaboni kusukela ekuzalweni kwakhe, namuhla ubeyolungiswa inkinga yamehlo. Ubona okokuqala ngqa selokhu azalwa”.
Lendaba isifundisa ukuthi singamehluleli umuntu sibe singazi lutho ngaye. Kuyenzeka amanye amaphupho akho engafezeki ngoba usheshe wazehlulela ngokuthi angeke ukwazi ukuwafeza. Ukuzibukela phansi nakho kuwukuzehlulela. Kuhle ukucabanga ngokujulile ngaphambi kokuthi wehlulele.
Ungayehluleli incwadi ngokubona ingaphandle layo.
UJehova akubusise kufezeke amaphupho akho kuvele amathuba nempumelelo.
Boni Mahlinza
*UBoni Mahlinza ungusomabhizinisi, umbhali wencwadi ethi ‘Don’t Die In The Cage’ nomqeqeshi wempilo