UGILE IGODA OWESIFAZANE EJOLA NOMYENI WAKHE UNTOMBENINGI
UNONTANDAKUBUKWA ovame ukuzwakala ohlelweni luka Mandla Magwaza njalo ngoMgqibelo, uSabelo ‘Ntombey’ningi’ Sithole ugile igoda owesifazane emthathela indoda ashade nayo. Lona wesifazane uthole ukuthi uNtombeningi ujola nomyeni wakhe, uMuzi “Mziwa” Gazibe oyilungu le qembu lomculo we-Afropop Impande.
Lokhu kuvele emiyalezweni ka-Whatsapp ebonwe unkosikazi kaMuzi, uMbali Ngubane waseZakariya Park eGoli.
Komunye wemiyalezo uMuzi ubhalele uNtombeningi ukuthi: “Ngiyakukhumbula, ngizokubona nini futhi?”, bese yena [uNtombeningi] ethi: “Ufuna ngikubone nini? Uhamba nini?”
UMuzi uphendula ethi: “Ngizama ukuthi ahambe ngempelasonto. Ngithemba ukuthi nawe uzokhululeka ukuthi ngibe nawe”.
UMuzi noMbali bashade ngo-2014 kanti njengamanje uMbali unamasonto ayisikhombisa ekhulelwe ingane kaMuzi. Umthombo othembekile osondelene noMbali uthe umngani wakhe usefisa ngisho ukukhipha isisu sale ngane ayikhuleliswe ngumyeni wakhe.
“Akungeni ngisho ukudla kumngani wami ngenxa yesenzo sikaMuzi. Ubengamazi umyeni wakhe ukuthi ubuye athandane nabobulili obufana nobakhe. Kumanje unezinyanga ezimbili ekhulelwe futhi usecabanga nokukhipha isisu ngenxa yokudidwa yilesi simo. Yena ubazi ukuthi uMuzi noNtombeningi bengabangani futhi behlanganiswe wumsebenzi. Kunezikhathi lapho uMuzi abeke ahambe ethi uqashwe uNtombey’ningi emicimbini yakhe kanti bayajola. Uma uMuzi bendawonye noNtombeningi bebeze bafonele yena uMbali njengabangani. Ngisho ekhuluma ocingweni uNtombey’ningi ubekhombisa ukumhlonipha uMbali ngoba emazi ukuthi ungunkosikazi kaMuzi. Ubeze ambize ngomama wekhaya kanti umenza isilima uyazi ukuthi usethandana nendoda yakhe. Indaba yonakale uMbali esebamba ingxoxo kwiselula yomyeni wakhe ekuveza ngokusobala ukuthi bayathandana,” kusho umthombo.
Kukhulunywa noNtombeningi lalolu daba uvele wacula, wangashiya lutho. “Ngizokutshela nje iqiniso. Ilokhu ngajola noMuzi ngoNhlolanja kulo nyaka. Siqale njengabangani nje, kodwa kulo nyaka uqale ukungishela”, kusho uNtombeningi.
“Ungitshele ukuthi vele yena uthanda abantu bobilili obufana nobakhe, kodwa umkakhe nomndeni wakhe abazi. Uthe ngeke abatshele ngoba ngeke bekwamukele lokho.
“Bekungafanele ivele kanje lento ngoba sobabili sishadile. Kodwa bengilokhu ngimtshela ukuthi akaphumele obala ukuze umkakhe nomndeni wakhe behlale bazi bese kuba kubona ukuthi benza njani”, kusho uNtombeningi.
UMuzi uphikile yena ukuthi uthanda abantu bobilili obufana nobakhe futhi unobudlelwano noNtombeningi. “Angazi ukuthi ukhuluma ngani. Angithandani mina noNtombeningi. Ungumngani wami nje”, kusho uMuzi. Kuthe esekhonjiswa imiyalezo ka-Whatsapp wabe esecula enye ingoma. “Angifuni imindeni yethu nomkami bazi ngalento.
“Kube iphutha. Besizidlalela. Ngiwumuntu obematasa ngomsebenzi naye kusukela ngoNhlalanja, ngabe sengiyalingeka. Angifuni ukuhlambalazeka”, kusho uMuzi.