ZIMKHALELE UMMELI MBUMBULU ‘OBEYIBHANTINTI’
UBANJWE waboshwa umlisa obezenza ummeli ekubeni engakaze abufundele ndawo ubumeli. UTeboho Motse (osesithombeni) ongowasesifundazweni i-North West ubesemele abantu abehlukene iminyaka eyisishiyagalolunye emacaleni abequlwa ezinkantolo ezehlukene e-North West.
Kuthiwa lona wesilisa uboshwe ngo-2009 ngecala lokubulala umuntu ku-Alice e-Eastern Cape.
Ngokusho kokhulumela umnyango wezokuhlunyeliswa kwezimilo kuleli, uMnuz. Singabakho Nxumalo uMotse ubengaphandle ngoshwele yize kungacacanga ukuthi ubekhishwe nini ngawo.
Okhulumela amaphoyisa ase-North West, u-Brigadier Sabata Mokgwabone uthe uMotse waboshwa ngecala lokubulala alenza ngo-2004. Uvele enkantolo ngoLwesine olwedlule ukuze afake isicelo se-bail. Icala lakhe lihlehlisiwe emuva kokuba ummeli wakhe engafikanga enkantolo.

