EZISEMATHENIIzindaba

USEXOLISILE U-DJ SBU NGOKUBUKISA NGODAYISA EMGWAQENI

UMSUNGULI wesiphuzo esihlohlozayo, iMofaya, u-DJ Sbu usexolisile emuva kokugxekwa kanzim aezinkundleni zokuxhumana ngokugxeka umuntu obedayisa iziphuzo emgwaqeni kodwa singekho esakhe. Kwi-video esabalale ezinkundleni zokuxhumana kubonakala lo-DJ osakaza ku-Radio 2000 enika lo mdayisi imali engu-R200 okuthe emuva kokubona ukuthi akayidayisi iMofaya wabuye wayithatha imali yakhe.

“Awnayo kanti iMofaya? Uzokulahlekela u-R200. Iphanta elinjani leli?”, kusho u-DJ Sbu kule-video

Emuva kokubonakala kwale-video kube sekusuka umsindo ku-X, abantu bezwakalisa ukuphoxeka kwabo ngesenzo sika-DJ Sbu, abanye basabisa ngokusiduba lesiphuzo sakhe.

Ube esephuthuma ebhala isixolisa sakhe ku-X ethi inhloso yakhe bekugqugquzela, hhayi ukubukisa. “Niyathanda ukunginaka isizathu singekho. Ngiyakuzwa ukusolwa, ngiyaxolisa ngakho konke engisolwa ngakho. Bengingahlosile”, kusho yena.

“Siyamsiza umfowethu kumanje. Kuningi okuzayo ngokushesha. Yehlisani umoya bafowethu nani bodadewethu, konke kuwuthando”, kusho u-DJ Sbu.

Okunye akwenzile ukwengeza ukuxolisa kwakhe ubuyele emgwaqeni wayonika umdayisi isaka lo mkhiqizo weMofaya ukuze azidayisele kanye nemali engu-R200.

Abantu abebegxeka lo Dj wodumo lwengoma ethi Remember When It Rained bathe ubukela ukuzabalaza kosomabhizinisi abasahlanganisa.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.