Izindaba

KUGWENYWE UMSINDO NGOKWENZA IZINGUQUKO KOWE MANDENI SHUTDOWN

KUZOBA nezinguquko emcimbini wakulo nyaka weMandeni Shutdown oba minyaka yonke ngomhlaka-31 Zibandlela elokishini laseSundumbili eMandeni. Umhleli walo mcimbi, uKhule ‘DJ Bitso’ umemezele ngalezi nguquko ekhasini lakhe lika-Facebook.

Lo mcimbi oqale ngokuvalwa komgwaqo uThokoza Road esigcemeni saseThokoza, wagcina ususendaweni yokupaka izimoto eSibusisiwe Hall usuzoba senkundleni yezemidlalo kwaNgcedomhlophe esigcemeni saseBhidla. Ngokusho kuka-DJ Bitso izinselelo abhekane nazo wezindawo ezincintisana nomcimbi wakhe zimphoqe ukuthi ashintshe indawo yalo mcimbi awuse kwenye indawo.

“Emcimbini odlule ngigcine ngingena ezindlekweni ezifika emalini engu-R7000 njengoba kunabantu ababengisiza engigcine sengibaholela ngemali engiyenza kwamanye amabhizinisi. Umcimbi awuyenzanga inzuzo engakhokhela zonke izindleko zomcimbi.

“Kunabantu abangenamvume yokudayisa utshwala abadayisa eduze kwendawo ebesibambela kuyo umcimbi. Mina bengisebenzisa imali ukuphusha umcimbi nezinye izindleko zokuwuhlela kodwa ekugcineni abantu bengena endaweni engenayo imvume yokudayisa utshwala eseduze okungenwa kuyona mahhala. Ngithe mangibikela amaphoyisa angamenza lutho umnikazi wale ndawo njengoba naye ubechoma ngokuthi ‘uwaphethe’, ngagcina sengibizelwa nonogada base-rank yamatekisi abafika basusa izinsimbi engangivale ngazo emcimbini wami wokugcina ukuze abantu bekwazi ukungena kule ndawo eseduze mahhala”, kusho u-DJ Bitso.

Uthe ukugwema umsindo ubone ukuthi avele athuthele kwenye indawo.

Mayelana nephuzu lama ciko azonandisa kulo mcimbi wakhe uthe angeke awavalele ngaphandle amaciko endawo ngoba naye unikiwe ithuba esahlanganisa kule ndima. “Into ebisiyenzeka ukuthi kube nezinkulumo zokuthi amaciko endawo anandisa emcimbini wami angena ngoba engabangani bami bese kuvaleleka engingabazi ngaphandle. Ngakho ngicabangile ukuthi into ekahle ukuthi kwenziwe uhlelo lokuhlunga, kuqhudelwane bese abazonqoba lapho kube ibona abazonandisa emcimbini”, kusho u-DJ Bitso.

Amathikithi alo mcimbi kulo nyaka azodayiswa izigaba ezimbili kanti azodayiswa e-Computicket. Ucele abantu ukuthi bephuthume bewathenge ngoba azodayiswa ngezikhathi ezehlukene nangamanani angefani. Esokuqala kuzoba awabantu abangamakhulu amabili (200), azobiza imali engu-R100, bese esesibili sabantu abangamakhulu amathathu (300) azobiza imali engu-R150. Endaweni yezicukuthwane kuzongweni ngemali engu-R400.

Uhlu lwabaculi abazonandisa kulo nyaka lusazomenyezelwa.

I-link engasetshenziswa ukuthenga amathikithi itholakala ekhasini lika-Facebook lika-DJ Bitso [Bitso Thwala]. “Abantu abaphuthume ezitolo beyothenga amathikithi ngoba esangweni azobiza”, kusho u-DJ Bitso.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.