KUFE UMFUNDI KULWA ‘AMAJITA’ E-PHOENIX
SEKUBOSHWE abafundi besilisa ababili abaneminyaka ephakathi kweyishumi nanhlanu (15) neyishumi nesithupha (16) ngecala lokubulala omunye umfundi kade bexabana emgwaqeni u-Queenspark Crescent e-Shastri Park e-Phoenix. Ngokusho komhlali wakule ndawo obikele amaphoyisa lesi gameko senzeke ngabo-12:00 ngoMsombuluko.
Lo mhlali ufonele amaphoyisa ebona kunomfundi oneminyaka elinganiselwa kweyishumi nesithupha esewe phansi futhi egcwele igazi.
Amaphoyisa afikile athola umuntu wesilisa osemusha elele phansi emgwaqeni, elimele esifubeni, esiswini nangemuva. Ngesikhathi efika amaphoyisa athole ukuthi usefile vele. Omunye umuntu wesilisa ubelimele okungatheni ekhanda, wanikwa usizo lokuqala.
Kusolwa ukuthi umfundi ofile nabanye abangane bakhe abane (4) basukelwe iqembu labafundi abayishumi (10) abafunda nabo esikoleni esisodwa. Kuthiwa babuze lo ofile mayelana nengane ezalwa umfundi wesifazane abamaziyo bonke. Kube sekusuka isidubedube iqembu labafundi abaningi lishaya laba abane, walimala kanzima lo ogcine efile.
Babe sebebaleka emuva kokubona ukuthi sebenze umonakalo. Kuthiwa vele labafundi abezwani njengoba kunombango phakathi kwabo okungavelanga ukuthi owani.
Ababili kulaba ababalekile babuye babuyela endaweni yesigameko babe sebeboshwa, bagcinwa esiteshini samaphoyisa esiseduze.