“INTOMBAZANE, UMNTANABANTU, NGIYAYAZI” – ISILO
ISILO uMisuzulu kaZwelithini sitshele abazwalwane abebehambele inkonzo yebandla lakwaShembe ebisesigodlweni eNyokeni kwaNongoma ngoMgqibelo ukuthi siyayazi intombazane ebilwa namaphoyisa ifuna ukoziphosa kuso emcimbini obuseKing Shaka Airport ngesonto eledlule.

Isithombe: ISilo uMisuzulu kaZwelithini sixoxa neNkosi Mduduzi ‘Unyazi lwezulu’ Shembe ngaphambi kwenkonzo ebiseNyokeni ngoMgqibelo
Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi kuvulwa isithombe-mfanekiso seLembe esikhumulweni sezindiza eThekwini kusuke owesifazane ongaziwa wagqagqumuka, efuna ukuya ngenkani lapho obekuhleli khona Isilo nezinye izicukuthwane kuhlanganisa nomengameli wezwe, uMnuz. Cyril Ramaphosa, noNdunankulu waKwaZulu-Natali, uMnuz. Thami Ntuli.
Emuva kwalesi gameko kuningi ukukhuluma okusuke ezinkundleni zokuxhumana nasemazikweni ezindaba kuqagulwa ukuthi ungubani lona wesifazane.
Kuthiwa ngesikhathi lona wesifazane edlubulundela emaphoyiseni abemvimba ubethi: “ngiyekeni ngiye endodeni yami”. Ngokusho kwamaphoyisa ukwenza kwalona wesifazane bekubeka engcupheni ezokuphepha kwezicukuthwane ebezivikelwe ngendlela esezingeni eliphezulu kulowa mcimbi.
Enkulumeni yaso ISilo sithe sifuna ukulukhuluma loludaba ukuze kudlulwe kulona. “Ngicela ukuba ngikucacise lokhu, akusiyo intombi yami. Kodwa ngicela ukuba ngisho, ngiyiNkosi yeqiniso. Ingakho kuthiwa ngiwumlomo ongathethi manga.
“Intombazane, umntanabantu, ngiyayazi. Akusiyo intombi yami kodwa ngiyayazi. Ngazi ngisho usizi lwayo. Yayisizoziphosa eNkosini yayo ngoba isenkingeni yangempela. Ngikhonela kokho-ke mina Zulu omnyama, ukuthi nginisize manisezinkingeni. Ngizonisizake ngoba ngiyakholwa mina. Ngiyinkosi yesizwe, ingumuntu wami ngokuthi ingaphansi…ingumZulu”, kusho ISilo.
Sithe siyamazi lona wesifazane ukuthi ungowakwaNgcobo, sabe sesithi sizokhuluma neNkosi yakwaNgcobo ukuthi akasizwe ngoba usenkingeni enkulu. Sibe sesiveza ukuthi lona wesifazane uyintombi yalaba abasiphikisa esihlaweni.
Ngaphambi kwenkulumo yeSilo UMKHAYA ubusuthole ukuthi alikho icala elivulelwe lona wesifazane ngalesi senzo sakhe, nokuyinto ethuse abaningi.
Ngokusho kwelinye iphoyisa elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba lithe: “Lolu daba selufakwe ngaphansi kukamata. Akasekho umuntu okukhuluma ngalo manje. Into ethusayo. Sitshelwe ukuthi lolu daba akufanele lufinyelele kwabezindaba ngoba luzolulaza isithunzi abantu abakhulu kakhulu. Ngale kwalokho kuthiwa lona wesifazane akukho ubungozi ayengabenza”.
I-Sunday World ikhulume nommeli ongungcweti wezomthetho, u-Advocate Mpumelelo Zikalala othe lolu udaba obelubucayi kakhulu, kuyathusa ukuthi alivulwangwa icala.
“Ngokuvamile, icala bekumele livulwe bese kuyaphenywa. Kodwa ngezinye izikhathi abantu abathinyekayo benganquma ukuba luyekwe udaba. Lokho bekwenza ngenhloso yokuvikela isithunzi sabo, ngoba uma icala liqhubeka kungavela izinto okungamele zaziwe umphakathi”, kusho u-Adv. Zikalala.