Izindaba

INDODANA IGQEME NGESAGILA UYISE, UNINA NODADEWABO, BAFA

IBOSHIWE indoda yasesifundazweni sase-North West egqeme ngesagila abazali bayo nodadewabo bafa esigodini saseShaleng ngoLwesihlanu ebusuku. Kuthiwa kusize umphakathi ocingise amaphoyisa lo mlisa, watholakala waboshwa.

Ngokusho kukakhomishane wamaphoyisa e-North West, uLt. General Sello Kwena uthe umsolwa ungene endlini ewumjondolo kubo eShaleng ngoLwesihlanu, lapho angene khona uyise oneminyaka engamashumi ayisikhombisa nane (74) ngesagila, emgqema izingozi ezesabekayo waze wafa. “Emuva kwalokho ungenele unina oneminyaka engamashumi ayisithupha nesishiyagalombili (68) naye wamshaya ngaso isagila waze wafa, wabe eseshaya udadewabo oneminyaka engamashumi amabili nesikhombisa (27)”, kusho uLt. General Kwena.

Kuthiwa indodana yakulo muzi ibibaqinisa kakhulu emakhanda bonke okuthe isibabulele bonke yabaleka.

Kuthiwa amanye amalungu omndeni abengaphakthi kule ndlu ngesikhathi umsolwa eqala ukushaya uyise asindiswe ukuphuma ngesamagundwane ayofuna usizo komakhelwane.

ULt. General uthe amalungu omphakathi agcwale isigodi sonke saseShaleng kucingwa umsolwa oze watholakala ngabo-06:00 ngoMgqibelo, wabe eseboshwa, wabekwa amacala okubulala amathathu. Uzovela enkantolo yaseKgomotso Periodical ngoMsombuluko.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.