UDUTSHULWE WAFA ODUBULE AMAPHOYISA (2) ESITESHINI E-ALEX
KUPHOQE ukuthi sivalwe isikhashana isiteshi samaphoyisa i-Alexandra Police Station eGoli emuva kokuba umlisa obefuna ukuvula icala ehlwithe isibhamu sephoyisa wadubula ebhekise kwamabili alimala. Kube sekuphuma umyale;o wokuba abhekwe, nebala iphumile inqina kamabuyaze watholakala, amthela othulini amaphoyisa.
Umkhuzi wamaphoyisa eGauteng, u-Major-General Fred Kekana ukuqinisekisile ukubulawa kwalamaphoyisa adutshulwe emahlombe angakwesokudla omabili.
“Umsolwa ufke esiteshini ngabo-10:00 ekuseni, ethi ufuna ukuvula icala ngoba kunomuntu ofuna ukumbulala. Kukhona abanye abantu abebefuna ukusizwa abafike ngaphambi kwakhe. Kunephoyisa ebehleli, limatasa libhala isitatimende ngesikhathi umsolwa eqonda ngqo kulo ehlwitha isibhamu”, kusho uKekana.
Leli phoyisa okuhlwithwe kulo isibhamu belingayigqokile i-uniform futhi isibhamu salo besiku-holster. “Emuva kokuhlwitha isibhamu umsolwa ube esedubula ebhekise emaphoyiseni ngeshwa kwadubuleka kwafa amaphoyisa amabili, elineminyaka engamashumi amane nesishiyagalolunye (48) nelineminyaka engamashumi amabili nesikhombisa (27). Omabili atholwa ukulasjwa futhi asesimeni esingcono”, kusho uKekana.
Emuva kokudubula le ndoda engaziwa ibaleke ngomgwaqo u-15th Avenue no-Selborne Road ihambe idubula ebhekise kubantu emgwaqwni.
Nokho aluphelanga usuku amaphoyisa ayifuna ayithela othulini.