Izindaba

UBEMBESA U-FELIX HLOPHE WEGAGASI FM OBEFUNA ISITHEMBU

UMSAKAZI weGagasi oke wasemizameni yokulamanisa umkakhe u-Tracey bebenze umcimbi wesintu ngempelasonto edlule e-Cleland, eMgungundlovu. UHlophe ubeyokwembesa kubo kwa-Tracy kulo mcimbi ohambisana nezingxoxo zamalobolo.

Abazishwashwadayo bathi maduze lezi zithandani zizosina esigcawini. “U-Felix akayivezanga imininingwane eminingi ngalo mcimbi obungempelasonto. Abangani bakhe abaningi bebengekho. Uke wezwakala emsakazweni enza amancoko angatheni ngokushada ngaphambi kosuku lo mcimbi”, kusho umthombo.

Isithombe: Isimemo somcimbi womembeso ka-Felix Hlophe nomkakhe u-Tracy

Lo msakazi uke wezwakala ethi ufuna ukwenza esinye isithandwa sakhe u-Ayanda unkosikazi wesibili. “Yebo umkami usevumile ukuthi u-Ayanda abe inkosikazi wesibili. Okwamanje akukho okuningi engizokusho kodwa maduze kuzoba nomshado”, etshela iTshisaLIVE.

Nokho kubukeka sengathi uHlophe useshintshe ukukhuluma ngendaba yesithembu. “Imizamo yakhe yokuganwa unkosikazi wesibili iphunzile njengoba kubukeka sengathi indaba kankosikazi wesibili ekhaya ayihlalanga kahle ku-Tracy. Umshado ubungakhulunywa ngoba [u-Felix] ubengafuni ukudonsa amehlo abantu, njengoba indaba abeyikhuluma yesithembi icishe yabeka ubudlelwano bakhe nomkakhe engcupheni”, kusho umthombo.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.