Izindaba

UBALEKELE KONOGADA OWESILISA UMAHOSHA EYIFUNA LA IMALI YAKHE

OWESILISA oneminyaka engamashumi amahlanu (50) uphuthume wayobika ehhovisi lonogada be-Reaction Unit of South Africa (RUSA) ngokuhlukunyezwa kwakhe umahosha ofuna kuye imali ngodli. NgoLwesithathu ntambama owesilisa utheleke kuleli hhovisi elise-Veralum emuva kokuba evinjwe umahosha efuna amkhokhele imali amkweleta njengoba esekwenze lokhu amahlandla amathathu.

LOna wesilisa uthi lento iqale ngoMandulo emuva kokuba elale nalo mahosha.

Ngokusho kukamahosha oneminyaka engamashumi amabili nane (24), owesilisa ufike kuye wamcela ucansi. Owesilisa uqashe indlu wase ecela ukuthi abe naye ubusuku bonke futhi bengasebenzisi izivikeli. Lokhu bekuzobiza lona wesilisa imali engu-R300. Kuthe sebeqedile wabe esekhokha imali engu-R100, ube esemcela ukuthi ahlale engahambi yena [owesilisa] usayobheka into yokudla. Uhambe udu, wangabe esabuya nokudla futhi nemali ebisele akaze ayikhokha.

Kuthe ngelinye ilanga lo mahosha nabanye besifazane asebenza nabo bambona lona wesilisa eya emsebenzini, bammisa khona lapho base befuna imali ayikweleta umahosha. Wabe esekhokha imali engu-R50 owawukhona kanti lokhu kwenzeke amahlandla amathathu, evinjwa bese ekhokha le mali engu-R50.

Kuthe ngoLwesithathu bambona futhi omahosha bafuna imali eyonkokhelo yokugcina engu-R50 kulo mlisa nokuyilapho ebalekele khona ehhovisi lonogada be-RUSA efuna usizo.

Uvumile ukuthi ujwayele ukuthenga kulabo mahosha abasedolobheni e-Veralum kodwa waphika ukuthi kunemali abakweleta yona. Usole laba besifazane ngomkhankaso wabo wokumhlambalaza emphakathini, wabe esebavala ngokubakhokhela amahlandla amathathu kodwa baqhubekile. Nokufike lapho esekhathele khona yibo.

Ube esebona ukuthi ayingangaye, kuhle alubike loludaba ngoba uzophela. Emuva kokuba onogada bexoxisene nalabo mahosha bagcine bevuma ukuyeka ukufuna imali kule ndoda.

Umthombo: Reaction Unit of South Africa (RUSA)

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.