KUNUKA UMSHADO KOWAYEDLALA KUZALO NESITHANDWA SAKHE
KUNGASE kukikizelwe maduze phakathi komlingisi oke wadlala kuZalo, uKhumbulani ‘Kay’ Sibiya nesithandwa sakhe u-Judie Kama ongapheli ezinkundleni zokuxhumana. Lokhu kuza emuva kokuba lezi zithandani esezithandane iminyaka, zifake izithombe zamalobolo ekhasini lazo le-Instagram.
Ekhasini lazo elihlanganyele zifake izithombe zase zibhala ukuthi: “Bafikile Omalume Amalobolo”.
Kwenzeka lokho u-Kay nesithandwa sakhe ngo-2020 bake bamemezela ukuthi bayahlukana, kwathi emuva kokulungisa izinto babuyelana futhi uthando lwabo luvuthwe kakhulu.
Uma bekhuluma ngendlela abathandana ngayo abakulibali ukukhuluma ngezinselelo ababhekane nazo ndawonye. “Kuningi okwenzekile eminyakeni edlule. Ngisengakwenza futhi makuvela ithuba nasesikhathini esizayo. Ungumuntu ohloniphayo, ongesabi, omesabayo uNkulunkulu futhi omnene kwesengake ngabazi”, kusho u-Judie ku-Instagram ngonyaka odlule.

Isithombe: U-Khumbulani ‘Kay’ Sibiya eqabulana nesithandwa sakhe u-Judie Kama
Eqhubeka uthe: “Kwesinye isikhathi ngiyazibuza ukuthi, wenza kanjani? Ungibekezelela kanjani? Yoh, nsuku zonke. Ngiyabonga, sthandwa. Ngiyakuthanda. Njalo”.