IZINSOLO NGOKUHLUKANISE USBONGI NGCOBO NOKHOZI FM
KUSOLWA ukuthi kube ukwenza u-Live kukaKhuzani Mpungose okuholele ekusuleni komphathi woKhozi FM, uNks Sbongi Ngcobo isigubhukane. Izindaba zokusula kukaNks. Ngcobo zizwakale ngoLwesithathu emuva kancane nje kokusula kobengumphathi wezinhlelo, uNkk. Pearl Maseko Binqose osesebenza emnyangweni kahulumeni.
UNks. Ngcobo umemezele ukusula kwakhe emhlanganweni wabasebenzi obizwe isigubhukane ngoLwesithathu, mhlaka-13 Lwezi. Ngokuthi kwemithombo engaphakathi emsakazweni Ukhozi FM kubizwe umhlangano ophuthumayo wabasebenzi futhi baziswa ukuthi akekho okufanele angabi bikho siqu.
Kuzokhumbuleka ukuthi uKhuzani ongumculi kamaskandi usanda kwenza u-Live lapho abekhuluma khona ethi ngeke esawungenela umncintiswano woKhozi FM othi Ingoma Ehlukanisa Unyaka. Esho lokhu usole umphathi wesiteshi ngokumkhipha inyumbazane. UKhuzane ukhulume emuva kokuba uNks. Ngcobo ethule izinguquko ezintsha ngemithethi ezolawula ukuqokwa kwale ngoma kulesiteshi.
Uthe le mithethi ishintshelwe ukuba yena angabi ingxenye yomncintiswano. Kule mithetho kukhona othi ingoma okumele ifakwe kulo mncintiswano weNgoma Ehlukanisa Unyaka ekhishwe ngomhlaka-1 Masingana 2024 kuya kumhlaka-31 Mfumfu 2024 futhi ekhona emshinini edlala ingoma kulo msakazo. Yena uKhuzani umemezele ukuthi uzokhipha ingoma yakhe ngoLwesihlanu, mhlaka-15 Lwezi.
UNks. Ngcobo ungene emsebenzini wokuba umphathi woKhozi FM ngo-2021 emuva kokushiya kukaMnuz. Bonga Mpanza.
Usolwa uKhuzani ngokumkhipha inyumbazane nje uke wasolwa ngokumenzelela nokuyinto uKhuzani athi yafakela lo mphathi ingcindezi futhi eholele ekutheni agweme ukuhlanganisa into enegama lakhe [uKhuzani] noKhozi FM.
Eminye umthombo ongaphakathi kulo msakazo uthe kuno msakazi odumile kuwo obhalele i-SABC eGoli iheheba le ncwadi lapho abegonyuluka khona ngendlela uNks. Ngcobo abeziphatha uma kuyisikhathi sokuphusha umkhankaso weNgoma Ehlukanisa Unyaka. Abazishwashwadayo bathi lo msakazi usondelene noKhuzani.
Okhulumela i-SABC uMnuz. Mmoni Seapolelo ukuqinisekisile ukuthi uNks. Ngcobo usulile njengomphathi emsakazweni wesiZulu, Ukhozi FM. Uthe uMnuz. Busani Mthembu uyena osezobamba okwesikhashana njengomphathi woKhozi FM.
“UMnuz. Busani Mthembu usesebenze emkhakheni wezokusakaza iminyaka engaphezulu kwamashumi amabili nanhlanu (25). E-SABC usebambe izikhundla ezihlukene kusukela 2005 lapho eqale khona njengomhleli wezindaba waphinde waba umdidiyeli omkhulu eGoli, Ngo-2005 ujoyine uphiko lwezindaba eThekwini lapho abesebenza khona njengomhleli wezinhlelo zezindaba ze-SABC kumabonakude.
“Ube umhleli omkhulu wesifundazwe ngaphansi kophiko lwezindaba ze-SABC KwaZulu-Natali ngo-2018 futhi waba ibamba esikhundleni sokuba umphatthi we-SABC esifundazweni phakathi kuka-2019 no-2020. Uneziqu ze-BA (Honours) kwi-Media Studies azithole e-University of KwaZulu-Natali, BTech kwi-Journalism ayithole eTshwane University of Technology ne-National Diploma kwi-Journalism ayithole e-Durban University of Technology”, kusho uMnuz. Seapolelo.