Imibono

UJEHOVA UYAYITHATHA INTO ENGELUTHO AYITHINTITHE IBE WUTHO

NAMUHLA ngifisa ukudlulisa lomyalezo, kunoma ngabe ubani oselahle ithemba ozibukela phansi. KuJehova sonke sibalulekile.
Uma uMdali esefuna ukukubusisa akukho okungama endleleni yake ngoba akaceli kumuntu. Uma isikhathi sesifikile ukuthi akunike okanye akuphuce okuthile uyakwenza.

Into engiyithandayo uma ezokubusisa akabheki ukuthi uphuma endaweni enjani, uzalwa ngobani, ucebile noma ufunde kamgakanani. Konke lokho akusho lutho kuye ngoba singabantwana bakhe sonke.

Into engiye ngibone ibalulekile futhi engicabanga ukuthi iyamjabulisa uThixo, ukumazi yena njengeNkosi nomsindisi, uhloniphe bese usebenza ngokuzikhandla ukuze kushintshe impilo yakho.

Ngike ngambona uJehova ekhuphula abantu abadelelekile ebenza izinto ezinkulu. Ubufakazi bukhona ebhayibhelini, emlandweni kanye nasemphakathini esiphila kuyo. Kunesisho esithi “Inkosi izalwa emzini odelelekile”. Kube khona esithi “Nalapho kungenaqhude khona kuyasa”. Zonke zifakazela ukuthi ayaphenduka amatafula UJehova uyakwazi ukuphakamisa umuntu.

Kukhona abakubukela phansi namuhla kodwa kusasa kungenzeka bezoguqa becele kuwe. Lokhu kusifundisa ukuthi singathathani kancane, singabukelani phansi.

Noma ngabe sewubukeleke phansi kangakanani, mhlampe ubona izinto zakho zingahlangani sewuze ufikelwe ukuzenyeza. Ngithi namuhla khumbula ukuthi UJehova uyayithatha into engelutho ayithintithe ihlale phakathi kwamaKhosi. Noma ngabe awnalutho futhi awuyilutho kangakanani kepha kuye ubalulekile. Umlando wempilo yakho engawushintsha ngokuphazima kweso. Inhlupheko yeminyaka engayiqeda ngomzuzu. Izinyembezi zakho engazisula ngomzuzwana nje.

Kuleso simo obhekene naso funda okuthile. Umethembe njalo. Cabanga amasu amasha zikhathi zonke amasu okushintsha impilo yakho iye kwelinye izinga.

Uma uhlonipha, uthandaza, uzilungiselela futhi usebenza ngokuzikhandla usuke utshalela impumelelo yangomuso.Bheka ucabange ngesiphiwo owazalwa naso. Kungaba yithalente noma yikhono, cabanga ke ukuthi ungalisebenzisa kanjani ukuthi likusebenzele. Ikhona into nawe okwazi ukuyenza ibe wusizo okanye bayithokozele abantu. Ungenza kanjani ukuthi ikukhandele impilo?. Bheka nje sekukhona abantu abondla imindeni yabo ngokuxoxa amahlaya njengosomahlaya (comedian).

Kukhona abaziphilisa ngokudweba, ukuxoxa izindaba, ukucula nokunye okuningi. Yiba yisibani ngekhono nethalente lakho ngelinye ilanga liyokuvulela indlela uzithole usuhlala nabakhulu. Nendlela osebenza ngayo noziphatha ngayo emsebenzini nasempilweni iyakwazi ukukuvulela amathuba uma wenzan kahle.

Qhakaza lapho otshalwe khona. Yenza kahle noma izimo zingavumi UJehova uyabonelela.

UJehova uyayithatha into engelutho ayibeke namakhosi.

Kuze kube ngokuzayo.
Boni Mahlinza

*UBoni Mahlinza ungusomabhizinisi, umbhali wencwadi ethi ‘Don’t Die In The Cage’ nomluleki wempilo

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.