ABANTUIzindaba

OWAZALWA ENOBULILI OBUBILI USUNGULE I-FOUNDATION EZOSIZA ABANJENGAYE

INSIZWA eyazalwa inobulili obubili, uZanele Mathenjwa isinqume ukuthi isungule inhlangano ezosiza abanye ababhekana nezinkinga ezifana nebhekane nazo ngenxa yobulili ezalwe iyibo. Kuzokhumbuleka ukuthi UMKHAYA uke wabhala ngale nsizwa ezalwe inobulili obubili bowesilisa nowesifazane.

UZanele ongowokudabuka eNdumo KwaZulu-Natali uthe ukuhlukumezeka akhule ebhekene nabo kumenze wabona kunesidingo sokuthi kube khona akwenzayo ukuze nabanye abafana naye besizakale futhi umphakathi ukwazi ukubamukela.

Odabeni olwabhalwa UMKHAYA phambili kwavela ukuthi uZanele uqale ukuhlukumezeka ngenxa yobulili bakhe esemncane engenwa ukugula obebudalwa isimo azalwe naso. Kwaqhubekela emphakathini nasesikoleni ecwaswa ngenxa yalobulili naye abengabuqondi.

Engxoxweni abe nayo nentatheli yeMPK1 phambilini, uthe uzalwe eyintombazane ngoba ubenobulili bowesifazane kodwa bebubuncane kakhulu ukuthi angalala nomuntu wesilisa. Kuthe ekhula wabe esegula kakhulu waze wayiswa esibhedlela i-Chief Albert Luthuli Hospital lapho okwavela khona ukuthi unamasende esiswini futhi iwona lawa ayimbangela yokugula kwakhe.

Uthe noma engakutholanga ukusizakala esibhedlela kodwa wagcina ekwazi ukwamukela isimo ayisona. Kumanje unobulili bowesifazane kodwa usegqoka njengomuntu wesilisa.

Uthe ubunzima abhekane nabo bumenze wafisa nokuzibulala kodwa wabuye wacabanga ukuthi uma ezibulala ubani oyofundisa abanye abantu ngale mpilo. Ilapho kuzaleke khona iZanele Mathenjwa Foundation ezofundisa ngalobulili futhi iluleke abantu ababhekana nalezinkinga.

Uthe ucela ukusizwa ngemali kule-foundation yakhe ukuze akwazi ukuhambela izikole nemitholampilo aqhubeke nokufundisa abanye abantu ngale mpilo.

“Okumele bekuqonde abantu ukuthi uhlobo lwalaba bantu ayilo bakhona futhi basazozalwa ngakho kunesidingo sokuthi bamukelwe emphakathini. Izingane ezizalwe zinobulili obufanayo kufanele zinakekelwe njengezinye izingane ngoba nazo zidaliwe”, kusho yena.

Uthe ufisa ukuthi abantu bamsebenzise njengesibonelo uma kuba nezinye izingane ezizalwa zifana naye. “Ngifisa ukuthi makuzalwa ingane efana nami kuthiwe lento ayiqali ukhona umuntu owake wazalwa waphila, kushiwo mina”, kusho yena.

Abafisa ukusiza uZanele kwi-foundation yakhe bengaxhumana naye kule nombilo ethi: 0607665561 noma bemlandele ezinkundleni zokuxhumana i-Tiktok ne Facebook ku: Zanele Mathenjwa Foundation (ZMF).

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.