EZIKAMABONAKUDEIzindaba

WENZA EZIBUKWAYO U-WARREN MASEMOLA KU SKEEM SAAM

SEBEZWAKALISE ukuchazeka ababukeli be-SABC 1 ngendawo edlalwa umlingisi u-Warren Masemola ku-Skeem Saam yize esanesonto efikile nje kuphela efikile. Kulo mdlalo uMasemola udlala indawo kaGopane ofelwe indondana yakhe e-Turfloop ngendlela angayiqondi.

Ukufika kwakhe sekudale isiphithiphithi nokwesaba kule ndawo njengoba kutatazela wonke, lapho afika khona ehambe ebheka indodana yakhe.

“Kuhle kakhulu. Ngizizwa sengathi ngiseLimpopo”, kusho uMasemola, ekhuluma ngendawo ayidlalayo.

“Ukuba umfana okhulele edolobheni eTshwane, ukudlala kuSkeem Saam kwenza ngizwe sengathi ngibuyele kubantu bangasekhaya”, kusho yena.

Abalandeli balo mdlalo baphawulile ngokuvela kukaMasemola kulo mdlalo. u-@Jabu_Macdonald uthe: “Akunikwe u-Warren Masemola indondo ngale ndawo manje..ngiyayithanda indawo ayidlalayo”.

U-@AllNewsNetwork2 uthe: “Mnike noma iyiphi indawo uzoyidlal ngezinga eliphezulu”.

Lo mlingisi uyahlonishwa kule ndima ngamagalelo akhe okukwazi ukudlala zonke izindawo anikwa ngempumelelo kusukela ku-Generations: The Legacy ne-Rhythm City. Ukuzinikela kwakhe emsebenzini wakhe sekumnike igama elihle endimeni yezokulingisa eNingizimu Afrika.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.