EzosaziwayoIzindaba

UQEDE UKUKHULUMA ‘NGEQINISO’ UNTENCANE KU-LIVE

KUSHUBILE phakathi komculi kamaskandi uNtencane nonina wengane yakhe njengoba kulezi nsuku bephendulana ngamagama ezinkundleni zokuxhumana. Okubangwa kakhulu uNtencane nomawengane ukuthi kunengane asolwa [unina wengane] ukuthi akayondli.

Abantu abaningi bathukile bethola ukuthi uNtencane unomama wengane angamondli ngoba lo mculi ubukeka enesizotha futhi ezihlonipha kwazise akakaze wezwakala ngisho kwizingxabano zabaculi njengoba beye benze abanye.

Echaza ukuthi ngesikhathi egqama emculweni ngabo-2019 waya emcimbi othile owawuseMpangeni lapho ahlangana khona nentokazi bazwana baze baphekezelana kweminye imicimbi. “Imicimbi eyayizongiphekezela kuyo lentokazi owawuseMtuba naseSodwana Bay”, kusho uNtencane.

Uthe ngesikhathi eqeda ukunandisa eMpangeni waqasha indawo yokulala, nayo intokazi le yalala kuyo lendawo ngoba yayikade isihambisana naye. Yona yayiphekezelwa udadewabo kanti nayo yayicula wona umaskandi.

Ekuseni bavuka bathatha izindlela ezehlukene intokazi yaphindela eThekwini, yena [uNtencane] nethimba lakhe baphindela emcimbini eSodwana Bay. Kwathi emini yafona le ntokazi ibonga ngokuphatheka kahle. “Yabe isithi ingikhumbule”

Ibivamile ukuthi ithi kuyabhora eThekwini izongivakashela. Ngokwenzeka kwezinto sagcina sesithandana nayo lentokazi.

Ngike ngaba seGoli nethimba lami nayo le ntokazi ngabe sengithola i-callback uvela kumuntu owuZinhle engingamazi. “Ngamazi lapho lo muntu ukuthi uwumuntu onjani. Akulalwanga ngalelo langa, ngibuzwa ukuthi ubani lona engingamphenduli. Le-callback angiyiphendulanga ngoba yangena ocingweni engilusebenzisa ngokomsebenzi, ngingagcina ngiphendula bonke bantu nabafuna ukuncoma okungatheni. ngisho kungaphuthumi”, kusho uNtencane.

Uthe yize bebexabana nale ntokazi kodwa bekuthi mase ibohlile bese bembatha ingubo eyodwa njengezithandani kwaze kwafika lapho kuvela indaba yengane.

“Kuthe seyivelile indaba yengane saze sizama ukubambisana njengabantu abazoba abazali. Khona lapho ngibe sengibambisana nenye intokazi nomfowethu ngenhloso yokwenza ingoma. Nalapho wasola ukuthi ngiyathandana nale ntokazi waze wayifonela ethi ayihlukane nami.

“Ngeke nami ngithi ngangimsulwa, ngingasho ukuthi nganginabo abanye abantu engangithandana nabo. Ngazama kodwa ukuthi into yethu ibe kahle ukuze naye abe sesimeni esikahle njengomuntu olindele ukuteta ingane”, kusho uNtencane.

Ngokusho kukaNtencane indaba yokuthi wayiphika ingane ayikho kodwa okwenzeka ukuthi wathi eku-Live nabalisa asebenzisana nabo bambuza ngokumithisa kwakhe. “Angibonanga ukuthi kufanele ngikhulume ngokumithisa kwami ko-Live nokuyikhona engibona ukuthi kwaba iphutha”, kusho yena.

Ngokushi kukaNtencane uthi wamsiza ngakho konke okwakufanele amsize ngakho njengomama wengane.

“Ngesikhathi isanda kuzalwa ingane ubehlezi eshintshashintsha, kwesinye isikhathi akangeneki kwesinye uyangeneka kodwa ngizamile ukondla ingane njengomuntu owubaba.

“Anginayo imali eqondile engiyitholayo, kuya ngokuthi ngithole malini kuleyo nyanga ngakho bengizinikeza zonke izingane zami imali ngendlela efanayo. Ngazithola sengifonelwa abephepha bethi bezwa kuthiwa angiyondli ingane yami ezalwa ile ntokazi. Ngenhlanhla nganginabo ubufakazi bokuthi ngiyamnika unina wayo imali kodwa bakhetha ukungakufaki lokho sebebhala udaba”, kusho yena.

Le ntokazi naye iphendulile yathi akondli uNtencane ukhuluma nje kunenye intombazane nayo ekhulelwe. Akwazeki noma seziyisikhombisa yini izingane komama abehlukene.

UNtencane uthi umawengane bengakaqomani wayelokhu eziletha kuye ambhalele ethi ngilale kahle bese ethi, “I miss you” okungatolikwa ngokuthi waziletha.

Uthe nokho wabona ku-Google uthi uzifake kumuntu onenkinga yokuphanjanelwa ikhanda kanti kunesikhathi lapho [uNtencane] athi wathengela khona ingane izimpahla ngemali engu-R7000 kodwa le ntokazi engumama wengane yazibuyisela emuva.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.