ABANTUIzindaba

UBONGA IMFUNDISO KASONTOSIKOLE U-PAT NKONYENI NGEMPUMELELO EMCULWENI

UMCULI ongowodabuka esifundazweni i-Eastern Cape, u-Pat Nkonyeni ufisa ukubonga uthisha wakhe kasontosikole esaphila ngezimfundiso zakhe eziholele kwimpumelelo yakhe endimeni yomculo. UNkonyeni owaziwa ngelika Mabuyi ngakubo eBizana uzalelwe kwilali yaseMtaise khona eBizana eMadiba.

Ukhule ekhaya kulandelwa inkonzo yaseWesile ngaseChibini. Le nkonzo idume ngokucula kakhulu kanti nayo inawo amakilasi kasontosikole lapho kufundiswa khona abantwana ngezindaba zeBhayibheli.

NoNkonyeni njengabanye abantwana naye uqale kusontosikole obuholwa ngumama uMangutyani Lubhelwana obebafundisa ngemithandazo yabantwana abancane, ukukhula ezwini le Nkosi, ukucula, ukuhamba inkonzo zabasha kanye nokunikela. Umama uMangutyani namalungu enkonzo bebekukhuthalele ukwakha intsha ngemfundiso zasekhaya kanye nezenkolo.

KuNkonyeni kwahlala imfundiso yezomculo nomnikelo nokuthe esekhulile wangenela ezomculo waqala ukubizwa nge-stage name esisebenzisa igama elithi Pat Nkonyeni.

Kulo mkhakha usethole inqwaba yezindondo kanti utusa kakhulu inkonzo yakhe eMtaise ngemithandazo, inkonzo yaseTopiya nokuxhaswa kakhulu abantu bangakubo njengomntwana wabo njengoba naye ethanda ukubahambela ezinkonzweni futhi anikele ukuze kufezeke izidingo zenkonzo.

UNkonyeni uthi ucela inkonzo zingapheli mandla ekwakheni amakhono abantwana nasekwazini uNkulunkulu nokuhlonipha. Emuva kokuhambela lamabandla unqobe indondo izindondo ezimbili e-Cator Manor eMkhumbane, uthole i-Certificate of Recognition nomqhele eLusikisiki, indondo ye-KZN Namuhla ne Certificate of Recognition onyakeni owodwa.

Isithombe: Izindondo ezinqotshwe u-Pat Nkonyeni kulo nyaka nje kuphela

Ukholwa ukuthi umusa ongaka owenzeka kulou hambo lwakhe empilweni ingoba uba noNkulunkulu. “Umusa ongaka ohambeni lwami lonke kwezomculo wokholo ingoba ngihamba noNkulunkulu. Kuthisha wami umama uMangutyani Lubhelwana sengathi uNkulunkulu angakuvikela uze uyibonke yonke imisebenzi yezandla zakhe”, kusho uNkonyeni.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.