EzosaziwayoIzindaba

KUSOLWA OBESHADE NOLETOYA NGOKUJOLA NOMKA SELLO MAAKE KANCUBE

KUSOLWA obeshade nomlingisi, uLetoya Makhene, uLebo Kheswa njengomphehli wezinkinga emshadweni kaSello Maake Ka Ncube nomkakhe u-Pearl Mbewe. Umthombo osondelene nalezi zithandani uthe uSello usola ukuthi umkakhe usebudlelwaneni bothando nesitabane esisanda kuhlukana noLetoya.

Kuvela lezi ndaba nje kumapeketwane emshadweni kaSello no Pearl njengoba kunuka isehlukaniso emuva kokuba uSello kuthe ngempelasonto edlule efakele umkakhe incwadi emvimbela ukuthi asondele kuye. Kuthiwa ekupheleni kukaMbasa nonyaka uSello uke wazama ukufakela u-Pearl amaphepha esehlukaniso kodwa kwagcina kungacaci ukuthi kwenzakalani ngalokho. Kusukela ngoNtulikazi nonyaka laba shadikazi abasahlali ndawonye.

Nokho uLebo uphikile ukuthi usebudlelwaneni bothando nomka Sello. “Angikho ebudlelwaneni bothando no-Pearl, kodwa nginobudlelwane bomsebenzi naye. USello uyagula, uhlanya ngempela. Ngizwa kthiwa nami ngifakelwe i-protection order, kodwa akekho oseke wakhuluma nami futhi angikaze ngiyithole. Angeke ngokuqinisekise ukuthi ikhona”, kusho uLebo.

I-Sunday World ibike ukuthi uSello useke wabhalela umkakhee incwadi njegoba ebuye asebenze njengomphathi wezindaba zakhe, ethi akuphele ukusebenzisana phakathi kwabo ngoba usesebenzisana noLebo kanye nomlingisi uLiopelo Maphathe kanti yena [uSello] akayifuni into emhlanganisa nabo.

Kuthiwa u-Pearl ubhalele umyalezo uLebo emazisa ukuthi useyayeka ukusebenzisana naye ngoba kunekhasimende lakhe elingeneme ngalokho. ULebo esecela ukukhonjiswa inkulumo yeskhasimende lelo ngoba ubengakholwa nokuyilapho u-Pearl emfakele khona umyalezo ovela kuSello. Lo myalezo ubuthi: “Labantu ababili osebenzisana nabo angifuni lutho okungihlanganisa nabo. Ngikuyalela ukuthi uyeke ukusebenzisana nami. Angifuni lutho olungihlanganisa nabo. Labo ngoLebo noLiopelo.

“Impumelelo yami ayiqhamukanga ngokuthuka abantu, ngayisebenzela”, kubhala uSello.

Kusolwa ukuthi ngesikhathi ethi “ngokuthuka abantu” ubebhekise egameni eliqala ngo ‘F’ elasetshenziswa uLebo ekhuluma ngokuhlukana kwakhe noLetoya kwi-podcast.

Ucikeke kakhulu uLebo ebona lo myalezo wabe esebhalela uSello omunye ethi akahlukane nokumsanganela futhi angazami ukumhlukumeza njengoba enza kumkakhe.

“Noma ngabe wenzani ngempilo yakho, ungangihlanyeli mina. Angiyena u-Pearl mina noma lamantombazane owahlukumezayo. Ungumhlukumezi. Ngikwenzele umusa ngakusiza izinto zakho zingahambi kahle, kodwa usukhohliwe ikho konke lokho.

“Bengikuthengela ukudla. Ngaphezu kwalokho ngakuboleka u-R10 000 uma ngingakukhumbuza ngoba ngathi usukhohliwe”, kubhala uLebo.

Eqhubeka ebhala uLebo uthe wayevumela uSello ukuthi adle futhi aphuze kwi-restaurant yakhe mahhala engafuni ngisho isenti.

“Ngizolwela bonke abesifazane ocekele phansi izimpilo zabo wena. Ngizobalwela ukuze umphakathi ukubone ukuthi uwumuntu onjani. Usebenzisa abantu ukuze uzuze bese ubashiya kanjalo mase umi kahle ngoba uzibiza ngosaziwayo”, kusho uLebo.

“Bengikuthatha njengomngani, nomfowethu ngoba vele ngilungile. Ukwaziwa kwakho kungisize ngani mina?

“Bengikondla wena nezingane zakho. Bengikuhlopha njengomuntu kodwa wena ukhethe ukuba ilesahluleki oyiso”, kubhala uLebo umyalezo awuthumele uSello.

USello ukuchithile ukuthi uke wondliwa uLebo futhi wamsiza ngezimali. “Ukhuluma konke lokho ngoba angifuni llutho oluhlanganisa igama lami naye”, kusho uSello. Uthe akeze nobufakazi balezi zinto azishoyo. “Buphi ubufakazi obuhambelana nalento ayishoyo”, kubuza uSello.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.