KUPHELA OMUNYE UMSHADO KA SELLO MAAKE KA NCUBE
KUNUKA santungwana emshadweni kaSello Maake Ka Ncube nonkosikazi wakhe u-Pearl Mbewu njengoba izinto zimapeketwane ebudlelwaneni balezi zithandani. NgoMgqibelo, mhlaka-9 Lwezi uSello ufike namaphoyisa kunkosikazi wakhe eyomnika incwadi eyisivimbelo sokuthi asondele eduze kwakhe (protection order).
Kuthiwa u-Pearl uthathe incwadi wayifunda wase eyidabula wayizwiba le ebuka amaphoyisa wathi ngeke ayisayine. “Uyithathile i-protection order, wayifunda wayilahla wase ethi ngeke ayisayine. Emuva kwalokho ube esethi uzongitshengisa isipoki”, kusho uSello.
Ekhuluma neziko lezindaba i-TimesLIVE, u-Pearl uthe ubesamangele, esafuna ukuqonda kahle konke obekwenzeka. “Uyindoda enomona, ufuna ukungiphatha, uyinkinga nje. Imina engathi kuyena, ngisadinga ukushawa umoya. Wangivuka ngingagqokile egunjini lami lokulala. Mangivuka sekugcwele amadoda endlini yami”, kusho u-Pearl.
“Ngingayisayina kanjani into engingayifundile. Ngathi kuye angeke ngiwasayine amas*#%mba. Bavula isicabha ngoba unokhiye wokuvula, ngamangala nje mangithola ukuthi uyena. Ngangizitshela ukuthi hlampe ngiyaphupha. Iphutha lami ukuthi nganqaba ukusayisa into engingayiqondi. Banginika ama-protecetion order anamagama okusiwo awami. Kwaze kwaba eyesithathu eyayinegama lami”, kusho yena.
Laba bese behlala ngokuhluka emuba kokuba uSello emkhiphile unkosikazi wakhe emzini wakhe oseDube eSoweto. Ngesikhathi emkhipha wathi uzobuya mase eqede ukumlobola lapho abayobe sebeyohlala endlini yabo ese-Blue Valley, e-Centerion. USello nomkakhe bashade ngo-2021 yize bebengaziqedile izindaba ezithinta amalobolo. NgoMandulo bekuhlelwe ukuthi uSello nabakubo ahambise amalobolo kubo ka-Pearl KwaZulu-Natali kodwa kuthe sebefikile baxoshwa ngenxa yokuthi bafika sezihambe kakhulu izikhathi. Ngokusho kukaSello leyonto yaba isilonda esingapholi kuyena.
“Ngizamile ukuthi umshado wethu uphile ngisaba nokuthi abantu bazongahlulela. Kuningi engibhekane nakho kulobu budlelwane, sengikhathele. Ngifuna ukuphuma kulo mshado”, kusho yena.
“Usengiphambanise ikhanda isikhathi eside. Kuleminyaka edlule angikade ngokuthole ukujabula. U-Pearl uzame konke ukungiwisa. Bengingeyona inkinga kulobu budlelwane. Uyena unkosikazi wami obeyinkinga. Uyena obebhala izinto emakhasini ethu ezinkundla zokuxhuma. Konke obekuvela kuzona, izithombe nemibhalo bekufakwa uyena. Kuncane nje obekufakwa imina. Kodwa konke okunye bekufakwa uyena. Ubengiveza njengomshadelwa ojabule kodwa ngiphila njengasesihogweni”, kusho uSello.

Isithombe: Isandla sikaSello Maake Ka Ncube esinezibazi zokushawa umkakhe
USello ufakele intatheli isithombe sesandla esinezibazi zokulimala lapho ayeshawa khona unkosikazi wakhe. Ekupheleni kukaMbasa nonyaka uke wazama ukufakela unkosikazi wakhe amaphepha esehlukaniso esebenzisa abameli bakwa-Swanepoel Van Zyl Attorneys, naye futhi [unkosikazi] wabhalela bona labameli eveza ukuthi ngeke asiphikise isehlukaniso enkantolo inqobo uma ezomvumela uSello ukuthi athathe indlu ese-Blue Valley azidayisele yona, athathe imoto eyodwa kulezi ezimbili abanazo bese yonke imali abayithole kusukela ngomhlaka-31 Mfumfu ibe ngakuyena.
Kwenzeka konke lokhu nje uSello usola umkakhe ukuthi usejola noLebo Keswa osanda kuhlukana nomlingisi uLetoya Makhene.