Imibono

AWUBONWA NANGOKHALO U-‘U’ KULE-GNU

LO hulumeni wobumbano osiphethe kuleli ubukeka ungenalo kwasanhlobo ubumbano. Kubukeka kukwampunz’ idl’ emini lapho lowo nalowo azenzela akuthandayo ngesikhathi asithandayo. Nginezizathu ezimbalwa ezingenza ngibe nalo mbono, okungasho-ke nokho ukuthi sonke sibona ngaso linye.

I-Government of National Unity (GNU) njengoba yaziwa ngolimi lwasemzini, iyaxega kakhulu uma sibheka ubumbano kubaholi. Okokuqala okungenza ngisho lokhu ukuthi okunguyena owengamele leli zwe uMnumzane uCyril Ramaphosa ubukeka engenawo umgogodla uma kufanele anqande abaholi abazenzela umathanda.

Siqale sabona ongungqongqoshe wezemfundo uNkosazana Siviwe Gwarube ekhetha ukungabi ingxenye yomcimbi wokusayinwa kwe-Bela bill. Kuyaziwa ukuthi iqembu likaGwarube okuyi-Democrati Alliance (DA) alihambisani nalo mthetho nokwenza kube nezinkolelo zokuthi yingakho uGwarube engabanga ingxenye yokusayinwa kwawo.

Kusenjalo, uMnumzane uLeon Schreiber we-DA ongungqongqoshe wezasekhaya ukhethe ukumemezela ezinkundleni zokuxhumana ukuthi usayine umthetho ovumela abezwe lase Ukraine ukuba bangafunwa amavisa uma befuna ukuza kuleli. Lesi senzo sigxekwe kakhulu okhulumela umengameli uMnumzane Vincent Magwenya nalapho eveze khona ukuthi umengameli ubengakakugunyazi lokhu.

Konke lokhu kuyizinkomba zokungabumbani kwale khabhinethi nokuyinto okuzofanele uMnuz. Ramaphosa ayisukumele njengomholi walo. Yize noma sonke sazi ukuthi lo hulumeni uhlanganiswe izinhlangano ezihlukene kodwa kuhle ukuba abaholi bakuqonde ukuthi kukhabhinethi kufanele bakhombise ubumbano.

*Sandile Khumalo ungumbhali wezincwadi zesiNguni, intatheli ezimele futhi wenza izifundo zobuntatheli e-Wits University. Ungaxhumana naye kuleli kheli le-email elithi: sandile.khumalo@macmillaneducation.co.za

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.