Izindaba

KUNCONYWE AMAPHOYISA EBOPHA ABAHLANU ABEBEHLOME BEZINGOVOLO EMANDENI

ABANTU baseMandeni babonga umsebenzi omuhle owenziwe amaphoyisa ngesikhathi ebopha abasolwa abahlanu abatholakale bephethe izibhamu nezinhlamvu ngesikhathi eqhuba uhlelo lwemvimbamgwaqo emgwaqeni u-P459 ngakwa-Sappi khona eMandeni, KwaZulu-Natali.

Ngokubika kwekhasi lezindaba EzaseMandeni amaphoyisa amise imoto emhlophe eyi-Toyota Avanza ibinabesilisa abahlanu kuyo. Ngesikhathi amaphoyisa esesha imoto, abasolwa batholakale bephethe izibhamu ezinhlanu nezinhlamvu eziningana.

Uphenyo lokuqala luveze ukuthi isibhamu esisodwa kwabebeziphethe esikamufi, esinye sebiwa eNtuzuma kanti esinye sebiwa e-Sandton eGoli, ezimbili izibhamu zitholakale zesuliwe izinombolo eziveza ubunikazi.

Abasolwa, abaneminyaka ephakathi kwengu-23 kuya ku-31 ubudala, bazovela enkantolo yemantshi yaKwaDukuza ngoMsombuluko, ngamacala okutholakala nezibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni, nokutholakala nezibhamu ezebiwe.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.