Izindaba

BAHLUSHWA ODLWENGULE INJA YAZE YAFA E-WATERLOO

UMNDENI othile e-Waterloo, KwaZulu-Natali uxoshe owesilisa odlwengule inja yakulo muzi yaze yafa ngenxa yezinhlungu zokulinyazwa ilo mlisa. Kuthiwa lona wesilisa udlwengule lenja amahlandla amahlanu elokhu eyilala ephindelela.

Ngokombiko lo mlisa owaziwayo endaweni kuthiwa into yakhe ukudlwengula njengoba eqale wahlukumeza amalunga alo mndeni amahlanu kuhlanganisa nowesifazane osekhulile, oneminyaka engamashumi ayisikhombisa nesishiyagalolunye (79).

UMKHAYA uthole ukuthi lona wesilisa uke wazama ukubulala isicabha se-glass esiphushwayo, esebenzisa isigubhu sesiphuzo esingu-2 litre esiyiqhwa kodwa wahluleka waze waduba wahamba.

Inkinga kuthiwa yaqala ngosuku lona wesilisa oneminyaka engamashumi amathathu (30) ebanjwa eqhoqhobele inja ngezikhathi zabo-04:30 ekuseni.

Kuthiwa ngesikhathi bezama ukumyekisa lo mkhuba abomndeni wakhe uvele walwa nabo. Uqhubekile futhi nokulala nalenja enobulili besilisa yaze yafa.

Umndeni awulivulanga icala lokudlwengula inja.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.