Izindaba

U-PENNY NTULI NOSIZO LWENDAWO YOKUHLALA KOSINDE EPHANGWA IMOTO

UMSAKAZI weJozi FM, u-Penny Ntuli uselule isandla wathembisa ukusiza umngani wakhe uZotha Masikaze ngendawo yokuhlala emuva kokusinda ephangwa imoto kwi-flat ahlala kulona eThekwini ngesonto eledlule. Amaziko amaningi ezindaba ake abika ngesigameko esehlele uMasikane ongumsakazi nomethuli wezinhlelo kumabonakude lapho egxume khona esuka esitezi sesithathu eya phansi ebalekela izigebengu ebezimphanga imoto yakhe entsha.

Ngokuthola koMkhaya le moto uMasikane ubesahlela ukuyiyisa ekhaya okokuqala eyokhombisa abazali bakhe. Utshele iziko lezindaba zikaqedisizungu iZimoja ukuthi uzoke athi ukuquba endlini yomngani wakhe u-Penny Ntuli eseGoli ngesikhathi esalulama.

“Uwumngani wami omkhulu, Ngiyofa la afa khona. Uthembisa ukunginakekela ngesikhathi ngisalulama ngoba ngihlala ngedwa eThekwini”, kusho uMasikane.

Isithombe: U-Penny Ntuli ubonakala nabanye bevakashele uZotha Masikane esibhedlela

U-Penny usebonakale kaningi efake izithombe ekhasini lakhe lika-Facebook evakashele uMasikane esibhedlela. UMasikane uthe ubudlelwane babo bujule kakhulu kunobungane obejwayelekile, bafana nomndeni. “Ufana nodadewethu engingakaze ngibe naye. Uma nginaye , ngisezandleni eziphephile”, kuqhuba uMasikane.

UMasikane oke walingisa emdlalweni Uzalo ku-SABC 1 uthe odokotela bamluleke ukuthi abuye azofaka ama-screws uma umlenze ungavumi ukuphola nokuyinto ayinqabile. Uthe lokhu kulimala kuphazamise kakhulu izinhlelo zakhe, njengokuya kwinhlolokhono kanye nezamabhinisi asebenzisana kuwo nabanye abantu.

“Okwamanje ngiyabonga nje ukuthi ngiyaphila”, kusho yena.

Uthe kulindeleke ukuthi alulame ngokuphelele ngoNdasa ngonyaka ozayo. “Okwamanje ngizothatha izinto kancane kancane. Ngisazijwayeza ukuhamba ngezinduku, nokuyinto enzima futhi engibangela ukhwantalala, kodwa ngokuhamba kwesikhathi ngizojwayela”, kusho uMasikane.

U-Penny ukuqinisekisile ukuthi uMasikane uzobe ehlala naye endlini yakhe eGoli ngesikhathi esalulama.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.