EZISEMATHENIIzindaba

BUCHITHEKE BUGAYIWE ABASE-MOZAMBIQUE BEFUNA UKUNGENA KULELI NGODLI

ASEBENZE kanzima amaphoyisa ajutshwe emnceleni iLebombo Boarder Post, eKomatipoort ngesikhathi izakhamizi zaseMozambique zifuna ukudedelwa zingene ngenkani eNingizimu Afrika. Lokhu kulandela ukusuka kwezibhelu emuva kokuba abantu abaningi benganelisekile ngomphumela wokhetho obelungoMfumfu kuleliya zwe.

Sekuwumlando ukuthi ukhetho obelukuleliya zwe lunqotshwe i-Frelimo ihlula i-Renamo ne Podemos nokuyinto engehlanga kahle kubalandeli balamaqembu amakhulu aphikisayo base besusa izibhelu.

Ngenxa yokuzama ukuphepha izakhamizi zaseMozambique zibonakale ziphethe imithwalo zifuna ukungena ngentuba esemnceleni iLebombo Boarder Post. Nokho abe-Boarder Management Authority (BMA) bayivalile leya ntuba bamisa nemisebenzi eyenziwa ihhovisi elisemnceleni njengoba udlame oselukapakele yonke indawo seluphazamisa ukusebenza emnceleni.

Inqwaba yabantu baseMozambique bakhala ngokuthi abasakwazi ukwenza amaphepha okuza okungena kuleli, kanti nabanawo abasavunyelwe ukungena ngaphakathi.

“Sekukubi kakhulu ngoba abasavumi ngisho ukufakela abantu izitembu emaphepheni abo okungena eNingizimu Afrika. Nathi esinawo amaphepha anezitembu abasavumi sidlule. Sicela besivumele sikwazi ukudlula siye emakhaya ngoba amaphepha ethu asikhomba ukuthi sibe ngale”, kusho omunye ovela eMozambique kodwa onesomuzi kuleli.

Omunye uthe: “Njengoba ngilana ngizovuselela amaphepha ami kodwa abavumi, bathi kusenezingxoxo phakathi kweziphathimandla zaseMozambique nezaseNingizimu Afrika. Bazosazisa uma sekuxoxiwe ukuthi sidlule yini. Silinde bona”.

Izigameko zokushiswa nokutapa impahla esemalolini aphuma eMozambique ezongena kuleli zidla lubi nosekuholele ekufeni nasekuboshweni kwabantu. Esehlakalweni esethuse abaningi umshayeli waseNingizimu Afrika ushawe ngamatshe waze wafa ngenkathi eshayela iloli ebelihambise ukudla eMozambique.

Isithombe: Isimo sinje eMozambique njengoba kunezibhelu eziqale emuva kokhetho obelungoMfumfu

Isimo sike saphuma esandleni ngoLwesithathu okuze kwaphoqa amaphoyisa ukuthi adedele izinhlamvu zenjoloba kanye namabhomu angenabungozi ukuhlakaza ababhikishi abese bevimbanise emnceleni. Laba bebefuna ukuputsha kuyo le ndawo evaliwe ohlangothini olungasesifundazweni iMpumalanga.

Amaphoyisa akwazile ukubamba abophe inqwaba yabantu baseMozambique abebezama ukuputsha bengene kuleli, okuthe mabubezwa ukuthi bakwenzelani lokhu bathi basabela ukuphepha kwezimpilo zabo.

Okunzima kakhulu ngale mibhikisho yabantu baseMozambique ukuthi ayilawuleki njengoba bengekho abaholi abaseduze kwalabantu abadlwebelekayo. Bashisa izimoto ezidlulayo namaloli. Omunye okhona kuleya ndawo uthe: “Babhikisha ubusuku bonke. Iningi labo badakiwe. Amaloli, izitolo, nezindawo ezidayisa utshwala nazo ziyatatshwa. Kuneloli okwehliswe kulona umshayeli walo ngenkani lanqunyiswa phakathi nomgwaqo ukuze kungadluli lutho”.

Ngakolunye uhlangothi umholi weqembu eliphikisayo eMozambique, u-Venancio Mondlane ukhale ngokungaphephi kwakhe emuva kokuba esinde kukubi ehlaselwa oshayasbhamu endaweni abhace kuyona eNingizimu Afrika. Nokho iziphathimandla zakuleli ziyaziqhelelanisa nalokho, zithe udaba olunjalo kufanele lubikwe emaphoyiseni.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.