Imibono

UNGAZIFAKELI INGCINDEZI ENGENASIDINGO KULESI SIKHATHI SONYAKA

ZININGI izinto eziyizinkomba zokuthi unyaka usuyaphela. Izitolo ezinkulu seziqalile zibeka imihlobiso ebukhazikhazi ehambisana noKhisimuzi. Usubona nohlobo lwamakhekhe avame ukuthenga ngesikhathi sikaKhisimuzi nawo aseqaliwe ukutakishwa nokuthengiswa ngobuningi ezitolo. Izivivinyo zokphela konyaka nazo isikhathi sazo lesi ezikoleni ezehlukahlukene. Abanye ababolekisa ngemali sebekutshela ukuthi sebeyaqoqa kuphela kabasakhiphi. Abatohozayo bahlela ukuthi azoma kanjani amaholidi, izingane zizovakasha kanjani kanye nemicimbi enhlobonhlobo.

Obengayibeki imali naye ushawa luvalo manje ngoba amaholidi asesemome. Konke lokhu kanye nokunye okuningi engingakubalanga kuyayifaka ingcindezi kwesinye isikhathi.
Ingcindezi iqhamuka ngokuthi umuntu azibone eyisehluleki uma ebona unyaka uphela engakufezanga ayezithembise khona. Kongasebenzi ingcindezi isuke inkulu ngoba usuke ebona ukuthi kuzoshaya amaholidi ingekho imali. Abanye sebetsheliwe nokuthi umsebenzi uyaphela ngoZibandlela. Zonke lezizinto ziyayihlukumeza ingqondo.

Okubalulekile ukwemukela isimo. Ongakwazanga ukukufeza kulonyaka usengakuzama ngonyaka olandelayo, inqobo nje uma usaphila.
Lesisikhathi yisikhathi esibalulekile. Kumele siziqoqe kanti futhi noma sijabule sijabule sizibheke. Buzokwanda kakhulu ubugebengu ngenxa yokuthi abantu abaningi kusuke kwazeka ukuthi bazoyiphatha imali. Ukuqolwa, ukukhuthuzwa kuba kuningi ngesikhathi samaholidi. Izingozi ziba ningi ngenxa yokuthi kubakhona ubudedengu, isivinini eseqile kanye nophuzo oludakayo kodwa umuntu ebe eshayela imoto. Nokusetshenziswa kwemali budedengu kuyenzeka. Umqondo wethu kumele siwulungiselele futhi siqaphele.

Kulowo ohlanganisayo kodwa izinto azihlangani ngifisa ukuthi nje UJehova akakhohliwe. Yebo kubuhlungu ukubona izinto zingenzeki ngendlela ofisa ngayo kodwa kuyasiza ukubekezela uqhubeke uzame.

Ukuphila nje kukodwa kuyisibusiso nomusa kaNkulunkulu. Bangaki abantu obaziyo abashonile kulonyaka? Ziningi nezimo ezikwehlele kepha uMdali ukugcinile kwaze kwaba lapha. Bala izibusiso zakho ungagxili kokubi kuphela.

Abaphumelele bekuyithuba labo nawe siyeza esakho isikhathi. Impilo iyaqhubeka ayimile ndawonye. Konke lokhu kuzodlula.
Ungazifakeli ingcindezi. Yemukela isimo futhi wazi ukuthi iminyaka ayifani. Yenza okungangamandla akho. Ungaziqhathanisi. Indlela yakho ngeyakho wonke umuntu uhamba ibanga lakhe.

Funda emaphutheni enzekile nonyaka bese uzama ukwenza kancono ngokuzayo. Yazi ukuthi nawe kukhona obaluleke ngakho. Bakhona futhi abakuthandayo. Zithande. Zihloniphe. Thandaza. Usebenze ngokuzikhandla ukuzama ukushintsha impilo yakho. Ungazifakeli ingcindezi ngokuthi unyaka usuyaphela. Akupheli wena kuphela unyaka. Ungazibulali izinto zisazolunga. Umusa nothando lukaNkulunkulu sengathi lungakwembatha. UJehova akhumbule imikhuleko nezifiso zakho bese eletha impendulo esheshayo.

Kuze kube ngokuzayo.
Boni Mahlinza

*UBoni Mahlinza ungusomabhizinisi, umbhali wencwadi ethi ‘Don’t Die In The Cage’ nomqeqeshi wempilo

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.