Imibono

UNGAKUTHOLA UKUVUSELELEKA ESITESHINI I-ZEE ZONKE YIZE SINGATHANDEKI

CISHE kuyo yonke imizi ene-DStv isiteshi esibukwa kakhulu ilesi sabomdabu waseNdiya esibizwa ngokuthi i-ZeeZonke lapho okusakazwa khona imidlalo eyiziqephu ngolimi lwesiZulu. Ngiyazi ukuthi kuneqwaba yabantu abafana nami abangayizwa kahle indaba yalesiteshi ngoba bekholwa ukuthi akukho esikufundisa abantu.

Okunye okudina kakhulu ngale midlalo yaso ukuthi ixova indlela yokuphila yabomdabu baseNdiya kanye nesitayela sokuphila kwabamnyama okwenza into yaso ibe ingxovangxova. Kucacile nje ukuthi inhloso yesiteshi ukwenza imali ngokuhumusha ulimi lwesingisi luye kolwesiZulu. Kuyaziwa phela ukuthi ulimi lwesiZulu ilona olukhulunywa kakhulu kuleli nakwamanye amazwe ase-Afrika ngakho uma ulusebenzisa kunoma yini oyenzayo ungenza enhle imali le.

Noma-ke sengikushilo konke lokho ngiyafisa ukushayela ihlombe abakhiqizi bezinhlelo kulesi siteshi ngomqondo wokuqhamuka nohlelo oluthi Amaqhawe: Our Heroes. Lolu hlelo oluxhaswe ibhange lase-ABSA luxoxa nabantu abenza izinto ezinhle nezivelele emiphakathini yabamnyama. Akunyanyalatwa kulona kepha kungenwa kugxilwe ohambeni lomuntu oyisihambeli ohlelweni. Ababukeli bathola ithuba lokwazi ngesihambeli, ngohambo lwaso olubheke empumelelweni kanye nesinselelo esibhekane nazo kulolo hambo.

Kuyiqiniso ukuthi akusibo bonke abantu abanezifiso ezithile empilweni ezivele zifezeke kakhulu, kepha kwabanye kubiza ukuthi besebenze kanzima futhi bedele konke ukuze kufezeke amaphupho abo. Kwabanye kudinga belahlekelwe ikho konke abanakho ukuze bethole abangenakho. Kafishane nje impumelelo ayifiki ngendlela efanayo kuwo wonke umuntu.

Lapha kulolu hlelo ababukeli bathola ithuba lokumatanisa okwenzeka empilweni yabo kanye nokwenzeka kweyezihambeli. Bathola ukugqugquzeleka ukuthi noma kungalukhuni kanjani empilweni kodwa uma uphokophela futhi ungaphosi ithawula noma kanjani uyakuthola okufunayo.

Ohlelweni Amaqhawe: Our Heroes kulandelwa impilo yazo izihambeli ngokuthi kuxoxwe namalungu emindeni, abangani kanye nezihlobo zazo ukuze kutholwe ingonyuluka ngazo. Okuhle engithe mangilandelela ngalolu hlelo ukuthola ukuthi abaphathi besiteshi bafuna ukuhlonza abantu abangakaze babekwe ebaleni bebongwe ngemizamo yabo yokuthuthukisa imiphakathi yabo. Isiteshi sifuna ukuchoma ngophaphe lwegwalagwala bonke laba abenza okungaphezulu kokulindelekile kubo ngokuthi benikele ngamandla nangemicabango yabo ukuze impilo ishintshe ngokwenhlalo, ngokomnotho, ngokwamasiko nangokwemfundo

Ngiyalithanda iqhinga labo lokuthi benze uhlelo oluzokwenziwa abantu abakwazi ukukhuluma kahle isiZulu futhi abangamaZulu. Hlampe ukube nemidlalo yabo idlalwa abantu abakhuluma isiZulu futhi abangamaZulu ngabe kuyakhulumeka. Nokho sengidlulile ekugxekeni.

Uhlelo engikhuluma ngalo kulesi siteshi lwethulwa intokazi ’emhlophe ngebala’ eke yadlala kuMuvhango ku-SABC 2, uPhindi Gwala kanye noLuthando ‘BU’ Mthembu. Laba bengingakaze ngibabone bethula izinhlelo zikamabonakude kodwa ikhono labo kulolu hlelo liyamangalisa.

Engikuthandayo indlela ababuza ngayo imibuzo ezihambelini zabo nesineke abanaso sokuzinika ithuba lokuphendula. Kuyasho ukuthi uhlelo alukho mayelana nabo kodwa lungezihambeli zabo.

Ngibe nenhlanhla ukuthi ngiqondane nempinda yalo ngoLwesithathu ngehora lesihlanu (17:00) ntambama. Nakhona lapha kuleli khaya engihlala kulona bese beluvalile njengoba bona bezikhonzele ukubuka imidlalo kuphela, ngathi mangingena endlini ngibheka iziteshi engingazibuka ngazithela kulo.

Izingane zami ziyazi ukuthi lungena njalo ngoMgqibelo ngehora lesihlanu (17:00) ntambama kodwa angikaze ngabona zilubuka, nokho ngiyaqonda ukuthi lukhulile kakhulu kunazo. Kodwa zilubukile nazo ngesikhathi ngilubuka. Ngibe sengithi kuzona ngizobhala ngalo ngoba hlampe abaningi esenyanya nabo lesiteshi abalwazi.

Uma ungumuntu ogqugquzelwa uhambo lwabanye abantu, futhi unentshisekelo yokuqala izinto ezintsha nezivelele empilweni nezesatshwa abaningi ngiyakumema ukuba silubuke nawe lolu hlelo, ngeke uzisole.

*Ungaxhumana nomhleli kuleli kheli le-email: editor.umkhaya@gmail.com noma ku-Whatsapp [0795239786]

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.