EZEMIDLALOEzosaziwayoIzindaba

UJATSHULISWA UKWEHLA ‘KWENONI’ U-ANDILE MPISANE

SIHLEKA sodwa isikhulu sekilabhu yebhola, i-Royal AM u-Andile Mpisane njengoba sehla emzimbeni. UMpisane obuye abe umculi nomethuli wezinhlelo kumabonakude usegquqguzele abaningi ngalokhu kuncipha kwakhe kulezi nsuku.

Muva nje umlolongi wake, u @sbothetrainer ufake isithombe sikaMpisane ekhasini lakhe lika-Instagram ekhombisa abalandeli bakhe ibanga eselihanjwe uMpisane empini yakhe yokwehlisa umzimba. Abantu abaningi kubathusile abakubonile njengoba uMpisane oyindodana ka-Shawn Mpisane ubegxekwa ngapha nangapha ngenxa yokuba nomzimba omkhulu ekubeni ewumdlali webhola.

Nokho emuva kokubona izithombe ezitshengisa umzimba wakhe omdala nomusha babaze amandla okuzinikela nokuzimissela entweni uma uyihlosile.

“Ngesikhathi u-Andile eqala nami lolu hambo lwakhe lokwehlisa isisindo ubeshaya isisindo esingu-98kg. Ngenxa yokusebenza kwakhe kanzima, ukuzinikela nokugxila entweni ayenzayo njengamanje usenesisindo esingu-85kg”, kusho u @sbothetrainer.

“Kuyathokozisa ukumbona esengaka nokubona ukuthi ukuzimisela kwakhe kumsebenzele. Qhubeka kanjalo Andile, okuhle kuyeza”, kusho yena.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.