EZISEMATHENIIzindaba

UBOLILE INDUKU OBHAXWE UZODWA WABANTU KUBANGWA U-BEN 10

UNONTANDAKUBUKWA uTebogo ‘Afrodolllight’ Makgoba ukhala ngokuboliswa ngenduku omunye unontandakubukwa uZodwa Wabantu waseThekwini kwenye yezindawo zobumnandi ngempelasonto edlule. U-Afrodolllight ubhale ekhasini lakhe le-Instagram ukuthi ushawe kanzima ngempelasonto.

“Ngishawe u @Zodwalibram izolo e-Delmas, ukuthi ubengishayelani, angazi. Ngihlukumezekile. Uhlephule ama-brace ami nomakhalekhukhwini, Ungihlulile. Mdala kakhulu uZodwa bafethu”, kusho u-Afrodolllight.

Uphinde wafaka omunye umbhalo ethi: “Ngishayiwe izolo ebusuku intandokazi yenu uZodwa Wabantu…Yoh kubi angikaze ngishawe kanje…Ukuthi bengishawelani angazi. Uphule umakhalekhwini wami nama-brace ami. Ngicela ningisiza, anganzi ngenzeni”.

Abazibonele kwenzeka lokhu bathe impi phakathi kwalaba iqale ngokuthi u-Ben 10 kaZodwa Wabantu abonakale enamathelene no-Afrodolllight. “Ngicabanga ukuthi u-Ben 10 ubevele emfuna u-Afrodolllight ngesikhathi esasemcimbini kanti uZodwa Wabantu uzobona. Akabange esabuza luthi uvele wakhwela phezu kuka-Afrodolllight ngesibhaxu, kwawubusantusantu”, kusho umthombo.

Ethintwa uZodwa Wabantu ukuze aphawule ngalesi gameko walile ukukhuluma nentatheli.

“Kade ngilokhu ngifonelwa abantu abazenza amaphoyisa ngakho okwamanje akulungile ukuba ngingaphawula kunoma yini engibuzwa yona.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com