EZISEMATHENIIzindaba

BAHLONGOZA UKUVALA ZONKE IZITOLO ZABOKUFIKA EGAUTENG

UNGQONGQOSHE wezezimali esifundazweni iGauteng uMnuz. Lebogang Maile usephakamise ukuthi lesi sifundazwe sithathwe njengesingaphansi kwenhlekelele kulandela ukuthi kuphinde kwafa ingane yentombazane eneminyaka eyishumi (10) edle ukudla ekuthenge ezitolo zabokufika zasendaweni eGoli. Umama wale ntombazane enguLesedi Maboi nodadewabo nabo baphuthunyiswe esibhedlela kukubi njengoba nabo bekudlile lokhu kudla

Muva nje usuku nosuku kubikwa ngokufa kwezingane emuva kokudla ukudla ezikuthenga kulezitolo zabokufika. UMnuz. Maile uthe kufanele kuthathwe izinqumo ezinqala ukuze kugwemeke izehlo zokufa kwabantu.

Uthe abaqashelwe ukuqikelela ukugcinwa kwemithetho kufanele baphendule ukuthi izigameko zokufa kwabantu ziqhubeka kanjani bekhona. UMaile uthe kumele kubhekwe ukuthi bawenza kahle yini umsebenzi wabo.

Ekhuluma ohlelweni Abasiki Bebunda emsakazweni Ukhozi FM ngoMsombuluko, uMnuz. Maile uthe akusekho okufanele bavike ngakho. “Isimo esikhona manje asisivumeli ukuthi kube khona esicasha nesivika ngakho. Sekufanele njengohulumeni kube khona esikwenzayo ngokushesha.

“Akufanele sigcine ngokukhuluma nje ngalezinto. Ingakho sithi laba ababheke ukugcinwa komthetho kufanele bephendule, kufanele sithole izinombolo. Zingaki izitolo abazivakashele, bayazihlola, batholani?

“Abahloli bezempilo, abezomthetho, nawo wonke umuntu kufanele adlale eyakhe indima kuhlanganisa nabomasipala. Inselelo enkulu le edinga wonke umuntu. Kumele sibhekane mahlanze nale nkinga”, kusho uMaile.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.