EZIKAMABONAKUDEIzindaba

UPOTWANA UFUNA KUBUYISWE INYAN NYAN YODUMO

OWAYENGUMSAKAZI wohlelo iNyan Nyan ku-SABC 1, uLuyanda Potwana wenza imizamo yokuthi kubuyiswe lolu hlelo kumabonakude. UPotwana ubhale ekhasini lakhe elisezinkundleni zokuxhumana waveza ukuthi usekhathele ukungazi ukuthi uzothini uma abantu bembuza ukuthi luzobuya nini lolu hlelo.

“Uma seluqedwa, singakwazi okungenani ukwenza olokugcina ukuze sivalelise kubalandeli abangu-3 milliona abebethembekile kulolu hlelo?”, kusho uPotwana.

Ngo-2021, uPotwana wamemezela ezinkundleni zokuxhumana ukughi uzoya e-London ukuyoqedela izifundo zakhe ze-Bachelor of Science in Psychology e-University of London.

“Ngizovalelisa kanjani edolobheni elangenza umuntu engiwuye namuhla? Idolobha elangethula emizini yenu njalo ngoLwesibili ngehora lesithupha (18:00) kusihlwa. Kodwa-ke, okungapheli kuyahlola”, ubhale kanje ku-Instagram.

Isithombe: ULuyanda Potwana ngesikhathi ematasa nomsebenzi wethonga kubo e-Eastern Cape

Lo methuli wezinhlelo umemezele ngoLwezi 2021 ukuthi usezothwasela ubungoma nokuyinto agcine eyenza ngempumelelo.

*Udaba luthathwe kwi-Sunday World

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.