UGWETSHWE UDILIKAJELE OWABULALA KUBANGWA IMALI YELOBOLO
Ngu Sandile Khumalo
UGWETSHWE udilikajele uLouis Serenetra Moyo (49) ngecala lokugwaza abulale owayeyintombi yakhe uThabile Khoza kubangwa imali eyayilondolozelwe ukuyoloboa. Kuleli cala ebelihleli enkantolo ephakeme eGoli, uMoyo ongowokufika kuleli uphinde wagwetsha izinyanga eziyisithupha ngokuba kuleli ngokungemothetho. UMoyo uwavumile amacala womabili washo nokuthi uyawuqonda umonakalo odalwe izenzo zakhe.
Lesi sigameko senzeka mhla ziyi-12 Mbasa 2020 ngesikhathi laba bobabili babesahlalisene. Ngokophenyo olwenziwa usayitsheni Mkhize wasesiteshini samaphoyisa iProtea, amaphoyisa athola ukuthi kwasuka ingxabano kubangwa imali eyizinkulungwane ezingama-R15 000.00 eyayiku-account kaKhoza.
Le mali uMoyo wayeyibeke ku-account yakhe uKhoza ngoba yena wayengakwazi ukuvula eyakhe i-account kwazise ukuleli ngokungemthetho.
Ngemuva kokuhilizisana isikhashana, uMoyo washaya uKhoza ngezinto eziningi ezihlukene wabe esegwaza, ngemuva kwalokho wabaleka endaweni yesigameko. Isidumbu sikaKhoza satholwa umasitende wabo ngemuva kwezinsuku ezintathu sidindilizile endlini yabo, sesonakele. Wabe esebika icala emaphoyiseni nokuyilapho okwaqalwa kwathungathwa khona uMoyo.
Watholakala emuva kwesikhashana wabe eseboshwa kanti kuye kwatholakala ikhadi lasebhange likaNksz. Khoza, iselula kanye nomazisi wakhe.
Abesikhungo sezokushushisa kuleli basishayele ihlombe isinqumo seJaji sokunika uMoyo udilikajele. Baphinde basigxeka kakhulu lesi senzo njengoba bethe beyisikhungo abahambisani nodlame olweyamene nobulili.