U-CASSPER NYOVEST UTHI INDONDO YE-RECORD OF THE YEAR KUGANGWE NGAYO
UMCULI we-rap kuleli u-Cassper Nyovest ukholwa ukuthi abahleli be-2024 South African Music Awards balahle ithuba ngokungayisi indondo ye-Motsepe Foundation Record of the Year endaweni efanele. Ubhale ekhasini lakhe ku-X (obuwu-Twitter) ezwakalisa ukungenami kwakhe, ethi lendondo bekufanele inikezwe umculi wakuleli osewazinza phesheya, u-Tyla.
Ukhuluma kanjena nje u-Cassper le ndondo ihambe nomculi kamaskandi odume kakhulu uMthandeni SK, ngengoma yakhe ethi Paris.
Nakuba u-Tyla kunguye umculi ohlabane ngezindondo eziningi kulo mcimbi kodwa u-Cassper ukholwa ukuthi ingoma ka-Tyler ethi Water ibikufanele ukuthola lo mklomelo emuva kokuklonyeliswa nge-Grammy Award ekuqaleni kwalonyaka.
“Ayikho lento. U-Tyla unqobe i-Grammy ngengoma ethi water, bafo, kodwa akayitholi indondo ye-Record of the Year lana ekhaya? Haha, kuyadlalwa”, kusho u-Cassper.
Kuqubuke umsindo emuva kwale nkulumo ka-Cassper kuphikiswana ngokuthi ngabe ukuhlonishwa kwalo mculi emhlabeni kumnikeza ilungelo lokunqoba zonke yini izindondo ezibalulekile emincintiswaneni yasekhaya? Nokho baningi abakholwa ukuthi u-Tyla wenze kahle kakhulu ngengoma yakhe ethi Water ngakho umklomelo we-Record of the Year ubumfanele.
Bakholwa ukuthi ukunqoba kuka-Tyla i-Grammy bekucenta indlela abe-SAMA ebahlulile ukuyihamba. Omunye umlandeli uthe: “Unqobe i-Grammy, esezingeni lomhlaba. Kungani bekushaye indiva lokho?”
Nokho abanye bakholwa ukuthi izinto ezenzeka ekhaya akumele ziqhathaniswe nezenzeka emhlabeni ngoba nokuncintisana akufani ngenxa yokwehluka kwamasiko kanye nendlela iciko elisuke lithandwa ngayo, lona kanye nomsebenzi walo.
Okunye okuvelile kule nkulumo mpikiswano ukuthi iningi labantu likhale ngokuthi indlela okuqokwa ngayo onqobe emkhakheni we-Record of the Year ayicacile. Baveze ukuthi ingoma enqobile abayazi ngakho bazibuza ukuthi kungakanani ukumeleleka kwabantu bakuleli abathenga umculo ngokunqoba kwayo?
Omunye umlandeli uthe: “Bengithi imina ngedwa obona lokhu, kwamculi onqobe i-Record of the Year angimazi, umculo wakhe angiwazi”.
Yize abalandeli baka-Cassper abaningi bebehambisana naye kodwa abanye bathe ingoma ka-Tyla ethi Water ayikaze ingene kubantu bakuleli uma kuqhathaniswa nezingoma ezidumile zikamaskandi, amaPiano kanye nezokholo.