IZIGAMEKO ZAKAMUVA ZIVEZA IHLAZO LOKUSHODA NGAMAGAMA ANEMBAYO ESIZULU
NGIKHULE ngilalela umsakazo Ukhozi FM, kunabasakazi abafana noThokozani ‘Gxabalembadada’ Nene noReggie Khumalo abebevame ukuqhamuka namagama amasha esiZulu ezinto esizibesenzisa nsuku zonke abengekho olimini lwesiZulu.
Ngokuhamba kwesikhathi sebengasekho emhlabeni bobabili laba engibabale ngenhla, ngibe nenhlanhla yokulalela uBaba, uNompumelelo Mbatha obevame ukuba isimenywa ohlelweni lwasekuseni phakathi nezinsuku lapho abevame ukusiza ngokuqamba amagama angekho olimini lukaMageba.
Kube sekuba noNgizwe Mchunu obeqhamuka nezaga kanye nezisho ezintsha ohlelweni obelwenza phakathi kwamabili kuze kuse obeluthi Dlala Ngenkotha, Dlala Ngolimi. Kuningi engikufundile kulezi zinhlelo ngokuqanjwa kwamagama esiZulu kanye nokuwasebenzisa. Ngifundile futhi nokuthi amagama asetshenziswa ngezinye izizwe ayangena kwinkulumo engolimi lwesiZulu kuphela uma igama lelo lingeke lilahle umongo nomyalezo oqondiwe.
Okungenza ngindlalele ngale nkulumo njalo ukuthi muva nje ngizithole nginenselelo yokungawatholi amagama esiZulu anembayo mangibhala ngezigameko ezenzeka emiphakathini. Izindaba esibhala ngazo kakhulu kulezi nsuku ilezi zokufa kwezingane, emuva kokudla ‘ukudla’ ezikuthenga ezitolo zabokufika.
Lapha kunamagama abalulekile futhi enza udaba olubhalayo njengentatheli lungashintshi kulo myalezo owudlulisayo kodwa esingenawo.
Izingane zifa emuva kokudla ama-snacks noma ama-chips, eziwathenga ema-tuck shop noma kuma-spaza shop abofika. Ngikholwa ukuthi akwanele ukushintsha lama gama siwayise olimini lwesiZulu njengoba enjalo kodwa kudingeka kutholakale noma kuqanjwe amagama amasha esiZulu ahumusha lawa.
Ngiyazi ukuthi lezi izinto ebesingenazo endulo kodwa ngenxa yobuchwepheshe obuthuthukisa izinto sezikhona manje, ngakho kufanele sibe namagama azo olimini lwesiZulu.
Lapha ezinkundleni zokuxhumana bakhona abavule amakhasi ahumusha amagama asuka esingisini eyiswa olimini lwesiZulu kodwa khona angakaze aqanjwe.
Ngibhala le ngosi nje laphaya ePitoli eGauteng kuhleli umhlangano obizwa nge-National Language Stakeholder Engagement Forum owesekwe umnyango wezemidlalo, ubuciko namasiko kuzwelonke oholwa umhlonishwa, ungqongqoshe uMnuz. Gayton McKenzie kanye ne-Pan South African Language Board (PanSALB). Lezi zinhlaka zinomsebenzi wokuqikelela ukuvikelwa kolimi, ukukhuthaza ukusetshenziswa kwalo kanye nokulithuthukisa.
Ngiyethemba ukuthi njengoba zihlangene nje zikhona izihumusho zamagama abengekho okuzophela umhlangano sezikhona.
Uma ufunda le ngosi futhi unayo indlela yokuxhumana nezithunywa ezikulowa mhlangano ngicela ubazise ukuthi sishoda ngezihumusho zamagama athi ‘snacks/chips’, ‘sweets/stick sweets’ nelithi ‘spaza/tuck shop’.
Ngike ngathi ukujeqeza kwabanye ozakwethu esibhala nabo ngesiZulu ukuthi bona basebenzisa maphi amagama, ngathola ukuthi nabo ziyime emthumeni. Amaphepha amabili amakhulu Isolezwe neLanga, abhale leli gama elithi ‘chips’ linjengoba linjalo. Kwabanye ozakwethu ezikanye nabo lapha kwezobuchwepheshe kumbulwa kwembeswa.
Ngike ngathi ukulalela nemisakazo esakaza ngesiZulu ngathola ukuthi awekho amagama esiZulu abawasebenzisayo ukuhumusha lawa engibhale ngawo ngenhla.
Ngibuza lamagama ngoba angiwazi ngesiZulu, ngiyaxolisa kowaziyo kepha ngingathokoza uma singasizakala kulo mkhakha wethu wokubika.
*Ungaxhumana nomhleli kuleli kheli le-email: editor.umkhaya@gmail.com noma ku-Whatsapp [0795239786]