UZITHELE NGABANDAYO UMENGAMELI WEZWE IZINGANE ZIBULAWA OMBHAFONQO
KUYIHLAZO ukuthi kuze kube manje asikezwa lutho kumengameli wezwe ngodaba lokufa kwabantwana bebulawa obhamufoqo okusolakala ukuthi banobuthi abadayisa izitolo zo-My friend. Umbuzo uthi kanti kufanele kuze kufe zonke yini izingane ukuze uMnuz. Cyril Ramaphosa alusukumele lolu daba.
Selokhu iqalile imibiko yokufa kwezingane ezindaweni ezihlukene uMatamela akakaze akhiphe ngisho isitatimende nje esikhombisa ukuthi uyazi ngalolu daba.
Indlela umengameli athule ngayo ibonisa ukungabi nandaba nalolu daba. Njengomphathi wezwe, silindele ukuzwa ukuthi yena uthini ngalo lolu daba. Angiyiphathike eyokuzidonsa kwekhabhinethi lakhe uma kufanele lithathe izinqumo ngezinto ezimqoka. Abasemagunyeni kubukeka behluleka impela ukuthatha izinqumo ezifanele benjalo nje abakwazi ukuxhumana nomphakathi bawazise ngezinhlelo abasuke benazo ukunqanda isimo esithile.
Imibiko yokufa kwezingane yaqala ukuzwakala ngonyaka odlule kodwa kuze kube imanje akekho osethweswe icala ngalolu daba. Yini ngempela evimba ukuthi zivalwe lezi zitolo kuze kube kutholakala iqhinga lokuthi zilandele umthetho. Njalo kufanele ukuthi umphakathi uvuke umbejazane kuyima ubona izikhulu zikahulumeni zisukuma. Ngemuva kwalokho zona lezi zikhulu ziyathanda ukwenza abantu bakuleli kube sengathi abayazi into abasuke bekhuluma ngayo.
Uhulumeni wethu uyofunda nini ukulalela abantu? Uyofunda nini ukuyeka ukuhlale uvikela abokufika yize kubonakala ukuthi bazenzela umathanda nje futhi abayihloniphi imithetho yakuleli? Kufuneka ukuthi kuze kufe abantwana abangaki ukuze uhulumeni ezoqala alwisane nalolu daba. Ukuba isikhathi sokuvota lesi ngabe sizwa bonke osopolitiki bekhuluma bethembisa lukhulu emiphakathini kodwa ngoba abadinge lutho bazithele ngobandayo nje.
Ngiyolokhu ngasho ukuthi osopolitiki abanandaba nathi kodwa banendaba nokuzicebisa bona kuphela.
*Sandile Khumalo ungumbhali wezincwadi zesiNguni, intatheli ezimele futhi wenza izifundo zobuntatheli e-Wits University. Ungaxhumana naye kuleli kheli le-email elithi: sandile.khumalo@macmillaneducation.co.za