EzosaziwayoIzindaba

ISIMANGA ESHADA NETHUNZELA LIKAMAMPITSHA UBABES WODUMO

UMANGAZE abaningi emcimbini wama-2024 South African Music Awards umculi wegqomu kuleli, u-Babes Wodumo ngesikhathi engena kumata obomvu efake ingubo yomshado emhlophe ezimboze nekhanda, njengomuntu oshadayo. Abaningi bathathekile yize abanye besale beshaya izandla njengoba lokhu kungamukelekile emiphakathini yabamnyama.

Ekhuluma nezintatheli uthe lokhu ukwenza ngenhloso yokukhumbula umyeni wakhe ongasekho uMampintsha owashona sebezoshada umshado omhlophe.

Laba babopha ifindo likasofa silahlane ngoNdasa 2021 emshadweni wesintu owawuhanjelwe zinkumbi zabantu esifundazweni KwaZulu-Natali, nokho bagcina bengahlanganiswangwa ngomshado omhlophe.

UMampintsha ushone ngoZibandlela 2022, u-Babes Wodumo eneminyaka engamashumi amabili nesishiyagalombili (28). Ushona nje uMampintsha laba bese besebudlwelaneni bothando iminyaka eyishumi (10) futhi benengane eyodwa.

Ekhuluma neziko lezindaba iZimoja, u-Babes Wodumo uthe ufisa ngabe umyeni wakhe usakhona ukuze behambe ndawonye kumata obomvu. Uqhubeke wathi wayefisa ukwenza umshado omhlophe noMampintsha ngeshwa lelo phupho lasheshe lashabalala. “Ngiyazi ukuthi abantu abaningi bayamangala ukuthi kungani ngifake ingubo yomshado kumata obomvu. Yazi namhlanje ngifisa ngabe uMampintsha ulana ukuze ehambe nami kumata obomvu”, kusho yena.

Eqhubeka echaza uthe ngosuku lwama-SAMA ubezizwa sengathi umshado wakhe. “Uyazi ukuthini ngalolu suku bengizwa sengathi umshado wami”, kusho yena.

Emuva kokuhamba kumata obomvu, u-Babes uvele ohlwini lwezinto ezihamba phambili ezinkundleni zokuxhumana.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.