AMADODA ASHADILE ASEZOZIBIZA NGEZIBONGO ZAMAKHOSIKAZI
KUQOPHEKE umlando ngoMandulo ngesikhathi inkantolo i-Bloemfontein High Court ivumela abesilisa ababili ukuthi bengasebenzisa izibongo zamakhosikazi abo. Ngokomthetho wokubhaliswa kwabantu i-Births and Registration Act akuvumelekile ukuthi owesilisa asebenzise isibongo sikankosikazi wakhe emuva komshado.
Inkantolo ephakeme e-Bloemfontein iwuchithile lo mthetho, yathi wakhelwe phezu kokucwasa ngokobulili futhi usuphelelwe isikhathi. Laba besilisa abavunyelwe ukuzibiza ngezibongo zamakhosikazi abo bebeshade nawo ngoNtulikazi 2021 ehhovisi lo mnyango wezasekhaya elikhona e-Bloemfontein.
Omunye wamakhosikazi alaba ngesikhathi sekumele enzelwe umazisi omusha wabuzwa ukuthi uzosebenzisa isibongo somyeni yini noma uzoqhubeka nesakhe. Uphendule wathi yena nomyeni wakhe bavumelane ngokusebenzisa isibongo sakhe [unkosikazi]. Babe sebetshelwa umsebenzi womnyango ukuthi ngokomthetho lokho akuvumelekile.
Babe sebeqhubeka nokusebenzisa izibongo zabo ezehlukene. Okube inselelo ukuthi isibongo esisetshenziswa indodakazi yabo akusona isibongo abebefisa ukusibenzisa. Bona bebefisa ukuthi uma sebeshadile umyeni athathe isibongo sikankosikazi wakhe.
Abakuthandela sibongo sikankosikazi ukuthi sithwele umlando wakhe odabukisayo njengoba kungesabazali bakhe bobabili abafa eseneminyaka emine nje qhwaba. Umyeni akabanga nankinga nalokho futhi naye ubenesifiso sokuthi indodakazi yakhe ibize isibongo sabazali bakankosikazi wakhe.
Abashadikazi besibili bona kuvele ukuthi unkosikazi uzalwe wayedwa kwabo ngakho bekubalulekile kuye ukuba agcine isibongo sabazali bakhe. Lona wesifazane watshela umyeni wakhe bengakashadi ukuthi angathanda ukusebenzisa isibongo sabazali uma sebeshadile. Babe sebevumelana ngokuthi bavele bazihlanganise izibongo zabo nengane yabo isebenzise izibongo zabo bobabili.
Akucacanga ukuthi zithini izibongo zalabashadikazi bobabili kodwa abokuqala bebebizwa ngosonhlamvukazi bamagama abo okuqala bese kuthi abesibili bebebizwa ngamagama abo athi Jesse Donnelly-Bornman no Andreas Bornman.
Ikhomishane yezokulingana ngokubilili (Commission for Gender Equality) ithe iyasamukela isinqumo senkantolo yase-Bloemfontein.
Isinqumo sale nkantolo sivule isahluko esisha ngomthetho ovimbela lokhu ukuba kwenzeke njengoba kuvele ukuthi ucindezela inkululeko yokuzikhethela kwabantu ngokobulili. Abebemele laba shadikazi enkantolo baveze ukuthi ukuvumela abesifazane ukuthi kube yibo kuphela abakwazi ukushintsha izibongo emuva komshado kwenza kube nobunzima ukuthi kungathiwa kunokulingana ngokobulili. Bathe lo mthetho uwuphawu lokungalingani futhi uphuca abantu ilungelo lalokho abafuna ukubizwa nokwaziwa ngakho ezweni elikhululekile.
Ijaji ebeliphethe lolu daba, iJaji Joseph Mhlambi uthole ukuthi umthetho okhona manje uyahluleka uhlinzeka impilo yesikhathi samanje, okuhlanganisa ukulingana ngokubilili kanye nokuzikhethela futhi uphikisana nomthetho wamanje ovumela abantu ukuthi baphile ngobulili ababuthandayo futhi bazibize inoma ngani.
“Lokhu kusho inqubekela phambili ngokubekwa phambili kwamalungelo abantu njengoba kweseka umthetho sisekelo wezwe”, kusho okhulumela i-Commission for Gender Equality, uMnuz. Javu Baloyi