Izindaba

KUBHUBHE ABANGU-19 BOMNDENI OWODWA BEPHUMA EMSHADWENI

KUBE wosizi lodwa emuva kokushayisana kwemoto eyitekisi i-Toyota Quantum neloli esifundazweni i-North West kwashona amalungu ayishumi nesishiyagalolunye (19) omndeni owodwa. Kule ngozi eyenzeke ngempelasonto edlule ngabo-21:30 ngoMgibelo ebusuku ngase-Schweizer-Reneke e-North West kufe ujuqu abantu abangamalungu omndeni owodwa.

Abe-Road Traffic Management Corporation (RTMC) bathumele abaphenyi endaweni yesigameko ukuze bathole imbangela yengozi. U-Simon Zwane okhulumela i-RTMC, uthe eminye imininingwane izodalulwa njengoba uphenyo lusaqhubeka.

Kwesinye isigameko, abantu abayisithupha bashone engozini yomgwaqo ebandakanya iveni yokulayisha i-Isuzu ne-Ford Sedan emgwaqeni u-R518 eLephalale esifundeni sase-Waterberg eLimpopo. UMnyango wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi udalule ukuthi ingozi yenzeke ngesikhathi umshayeli wemoto ebisuka eLephalale iya eShongwani ehluleka ukuyilawula yashayisana neveni i-Isuzu. Abagibeli abahlanu abebekule sedan, okuhlanganisa nomshayeli, bashonele engozini, kwathi umshayeli weveni ebilayishile naye kuthiwa ushonile endaweni yesigameko.

Abagibeli ababili abaphunyuke belimele kanzima baphuthunyiswe esibhedlela. Okhulumela umnyango, uMike Maringa, udalule ukuthi kuphinde kwaqoshwa izingozi ezintathu ezenzeke esifundeni saseMopani phakathi kukaLwesihlanu noMgqibelo. Esigamekweni sokuqala, umfana oneminyaka eyisikhombisa ushayiswe yimoto ngaphandle kwamagceke esikole esigodini saseKhashani.

Umshayeli wemoto ethwala abafundi kuthiwa ujike wayongena enganeni ngesikhathi ewela umgwaqo, yashona ujuqu. Kwenye ingozi, owesilisa, 36, ushayiswe yimoto yohlobo lweSuzuki Sedan ngesikhathi ewela umgwaqo eMagoebaskloof endaweni yaseTzaneen ku-R71. Isigameko sesithathu senzeke emgwaqeni u-R36 eMokgolobotho, lapho owesilisa obehamba ngezinyawo eshayiswe yiKia Sedan ngesikhathi ewela umgwaqo.

Edlulisa amazwi enduduzo emindenini ethintekile, uNgqongqoshe wezokuthutha noku[hepha komphakathi eLimpopo, uMavhungu Lerule-Ramakhanya unxuse abahamba ngezinyawo ukuthi basebenzise izindawo ezikhethiwe zokuwela futhi bagweme ukuhamba emigwaqweni ephithizelayo, ikakhulukazi kusihlwa.

Ukwanda kwezingozi ezibulala abantu abaningi eNingizimu Afrika kuveza isidingo esiphuthumayo sokuthi kuthathwe izinyathelo zokuphepha emgwaqeni ukuze kunqandwe ukushona kwabantu emigwaqeni yakuleli. I-RTMC kanye nezinye iziphathimandla ezifanele kufanele zisebenzisane ukuze kutholwe izisombululo ezingokoqobo zokubhekana nezimbangela zezingozi zomgwaqo futhi zigwenywe ukuthi zenzeke esikhathini esizayo.

Umthombo: Amajuba FM

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.