KUSHINTSHE IMIGOMO KWEZOHLUKANISA UNYAKA OKHOZINI
SEWUVULWE ngokusemthethweni umkhankaso woKhozi FM wokudedela abalaleli bawo ukuthi bethumele izingoma abafuna zincintisane kwezizohlukanisa unyaka. Lokhu kumenyezelwe ngoLwesine ntambama abaphathi boKhozi FM ohlelweni lwantambama oluthi Woza Nabangani Bakho olwenziwa uKhathide ‘Tshatha’ Ngobe no-Selby ‘Selbyonce’ Mkhize.
Umphathi wesiteshi, uSbongi Ngcobo noLwazi Mkhabela ongumphathi wezokukhangisa kulo msakazo bachaze kabanzi ngemigomo ezolandelwa ukuze kuqokwe ingoma efanele ukungena kulo mkhankaso wengoma ezohlukanisa unyaka.
Kulo nyaka kuthe ukuhluka kancane ngokwemigomo njengoba ingoma ezongena esigabeni sokuqala kufanele kube ingoma ebisivele ikhona kusukela mhlaka-1 Masingana 2024 kuze kube umhlaka-31 Mfumfu 2024. Leyo ngoma kumele iqokwe abalaleli, abasakazi kuphinde kubhekwe ukuthi idlalwe kangakanani emsakazweni.
UNgcobo ugcizelele ukuthi igama elithi Ingoma Ehlukanisa Unyaka elomkhankaso wabo ngokusemthethweni akekho omunye ongalisebenzisa. Uthe basizwa kakhulu uphiko lwabo lwezomthetho ukuqikelela ukuthi benza yonke ngendlela eqondile. “Kuzokhumbuleka ukuthi eminyakeni edlule bakhona abazame ukusilwisa bethi sisebenzisa izinto zabo kodwa lokho kwaphelela emoyeni”, kusho uNgcobo.
Eqhubeka echaza uNgcobo uthe nakulonyaka akukho okuningi okushintshile njengoba uphiko oluse-SABC lokucwaninga luzoqhubeka nokubasiza ngokuthola inkampani ezocwaninga konke okuzobe kwenziwa kusukela esigaben sokuqala sokuqokwa kwezingoma kuze kufike lapho sekusele eziyishumi ezizovotelwa.
Echaza uMkhabela uthe njalo ngoLwesihlanu kuzokhishwa imiphumela ngokuzobe kuqhubeka kulo mkhankaso. Ube esekhuthaza abalaleli ukuba bebeke indlebe emsakazweni ukuze behlali bazi ngokuqhubekayo. “Siyabakhuthaza abalaleli ukuthi behlale belalele umsakazo futhi besilandele ezinkundleni zokuxhumana zomsakazo ukuze behlale bazi ngokuqhubekayo”, kusho yena.
Kusukela ngoLwesihlanu, mhlaka-1 Lwezi kuyaqala ukufakwa kwezingoma okuzobhekwa kuzo eziyishumi ezihambe phambili ngamavoti (Top 10) bese zivotelwa. “Abalaleli sebengaqala ukufaka izingoma abafisa ziqhudelane lweziyishumi ezizohlukanisa unyaka ngokuthumela igama elithi ‘ingoma’ kulandele elo mculi nesihloko seculo lakhe kuIe nombolo ethi: 33665. Ukuthunyelwa kwamaculo kuyavala mhlaka-15 Lwezi 2024 ngehora leshumi nambili (12:00) emini.