EZOMPHAKATHIIzindaba

UMASIPALA WELEMBE UFUQA INTUTHUKO YAMANZI EMACAMBINI

UMASIPALA wesifunda iLembe sewumemezele ngokusemthethweni ukuqala kwesigaba-5D sohlelo lokuyisa amanzi eMacambini ngaphansi kukamasipala waseMandeni. Lo msebenzi ozodla imali engu-R47.5 million uzohlinzeka amanzi ahlanzekile emizini ebalelwa emakhulwini amane eku-ward 3 no ward 9.

Ukuhlinzekwa ngamanzi endaweni yaseMacambini kuqale ngo-2004, nobekuwuhlelo obekuqondwe ngalo ukusondeza ingqalasizinda yamanzi eyisisekelo ezindaweni zasemakhaya ezizungeze umasipala waseMandeni. La manzi alandwa emfuleni uThukela, bese ehlanzwa iSundumbili Water Treatment engaphansi kukamasipala weLembe.

Ukusuka lapho asatshalaliswa ngobuchwepheshe be-network yeziphehli eyiswa emathangini amakhulu awagcinayo (reservoirs) ukuze afinyelele kuzo zonke izindawo.

Lo msebenzi wokuyiswa kwamanzi eMacambini unikwe inkampani ebizwa ngeMdima Civils kanti kulindeleke ukuthi uqale ngoLwezi 2024 uze uphele ngoZibandlela 2025.

Kubekwe eceleni imali engango-R5.5 million yokuthuthukisa abantu bendawo ngokuthi kudalwe amathuba omsebenzi abalelwa emashumini amathathu nanhlanu kubantu bendawo kuphinde kuzuze osomabhizinisi abane bendawo.

Ekhuluma ngalo msebenzi oyimeya kumasipala wesifunda iLembe, ukhansela uMnuz. Thobani Shandu uthe: “Ukuqala kwalolu hlelo lwesigaba 5D lokuyiswa kwamanzi eMacambini kubonisa ukuzibophezela kwethu ekufezeni isethembiso sethu sokuletha izidingo eziyisisekelo emphakathini wethu. Lolu hlelo luzoqinisekisa ukuthi imizi elinganiselwa emakhulwini amane ithola amanzi ahlanzekile, kanti luzophinde ludale amathuba emisebenzi, bese lweseka osomabhizinisi bendawo”, kusho imeya, ikhansela Shandu.

Isithombe: Ubuholi bukamasipala wesifunda iLembe kweminye yemihlangano budingida ezentuthuko

“Sizibophezele ekuthuthukiseni izinga le mpilo yabantu bendawo yethu. Ukuphothulwa ngempumelelo kwalesi sigaba kuzosisiza sifinyelele kwinhloso yethu yokuqinisekisa ukuthi yonke imizi engaphansi kukamasipala waseMandeni ithola amanzi ahlanzekile. Ngiyaziqhenya ngomsebenzi esesiwenzile futhi ngibheke ngabomvu ukubona uba nomthelela omuhle emphakathini wethu”, kuphetha yena.

Umthombo: Sivubela Intuthuko

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.