ABALALELI BOKHOZI FM ABANGAGCINI NGOKUVOTA KODWA AKULALELWE NEMIBONO YABO
NGIBHALA le ngosi nje kuzothi namhla [ngoLwesine] ohlelweni lwantambama oluthi ‘Woza Nabangani Bakho’, izikhulu zomsakazo Ukhozi FM, umphathi walo, uNks Sbongi Ngcobo nomphathi wezokukhangisa, uMnuz. Lwazi Mthabela bezokwethula izinhlelo zomkhankaso ohlale ubhekwe ngabomvu othi ‘Ingoma Ehlukanisa Unyaka’. Lo mkhankaso uhambisana nezinhlelo zomsakazo zokujabulisa abalaleli bawo ngesikhathi samaholidi okuphela konyaka kanye nokugubha uncibijane.

Isithombe: UNks. Sbongi Ngcobo ongumphathi woKhozi FM
Abalaleli banikwa ithuba lokuvotela ingoma ezohlukanisa unyaka ngokuthumela imiyalezo enegama le ngoma yomculi abafuna ukuzwa ingoma yakhe uma sekuhlukana unyaka kulo msakazo.
Kuleminyaka edlule kube nokukhuluma okukhulu kanye nemibango yasezinkantolo mayelana nohlelo olulandelwa ilo msakazo ukuhlonza ingoma ezohlukanisa unyaka. Kuyaziwa ukuthi isikhathi samanje asisafani nesakudala futhi imisakazo manje isisebhizinisini ngakho kuhlezi njalo kubhekwa izindlela zokuthuthukisa umsakazo ngokwezimali kanye nokuwudayisa njengesizinda esikahle sokutshala imali.
Nalo Ukhozi FM lubonakale lulandela lelo qhinga kwazise inhlangano eluphethe, i-SABC ike yaba nenselelo enkulu yokuntula izimali.
Siqale sabona uMnuz. Owen Ndlovu ongumsunguli we-SABC Summer Song eyisa lesiteshi enkantolo ekhala ngokuthi sisebenzisa umqondo wakhe awudayisela i-SABC ngo-2016 ukuhlonza ingoma ezohlukanisa unyaka. Kwaze kwaphoqa ukuthi uhlelo lokuhlukanisa unyaka lwenziwe kabusha maphakathi nawo unyaka, nokwakuyinto engakaze yenzeke. Uhlelo ayenesikhalo ngalo uMnuz. Ndlovu ilolu lokuthunyelwa kwemiyalezo kwinombolo ethile, kufakwe uhlamvu oluthile olumele umculi nengoma yakhe. Bese kubhekwa ukuthi umculi lowo uthole amavoti amangaki. Emuva kwalokho kube uyena odla umhlanganiso makuhlukana unyaka. UMnuz. Ndlovu wayenenkontileka yeminyaka emine ne-SABC ukwenza lolu hlelo emsakazweni Ukhozi FM. Wathi mayefika uNks. Ngcobo washitsha inombolo okuthunyelwa kuyona imiyalezo, walimala kanjalo uMnuz. Ndlovu wangaphinde wathola imali.

Isithombe: UMnuz. Owen Ndlovu ongumsunguli we-SABC Summer Song
Ngaphezu kukudonsisana okuningi okube phakathi kukaMnuz. Ndlovu noKhozi FM kusukela ngo-2017 kuze kube manje, abalaleli balo msakazo nabo bezwakalise kaningi ukungaluthokozeli lolu hlelo olulandelwayo.
Abebephawula ezinkundleni zokuxhumana baveze ukuthi lunenhloso yokubaqola njengoba kuvotwa ngemali. Futhi bekhala ngokuthi isiteshi sisebenzisa umculo kamaskandi ukuzakhela inzuzo njengoba bese kuvame ukuthi kuzwakale nabasakazi besiteshi ‘bephusha’ lolu hlobo lo mculo kunezinye uma sekuvotwa.
Kuyaziwa ukuthi abalandeli bomculo kamaskandi abathintwa uma kukhulunywa ngezintandokazi zabo zabaculi ngakho bavota ubuthaphuthaphu uma sekuzwakele ukuthi izingoma zabaculi ababathandayo zingenile ku-Top 10.
Kuba yibo futhi abalaleli abafaka izingoma ku-Top 10 ngakho ukuthumela umyalezo ngenani elithile le mali.
Okunye abebekhala ngakho abalaleli ukuthi uhlelo lolu lubukeka lunenkohlakalo futhi lulawulwa umphathi wesiteshi. Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-2021 uKhathide ‘Tshatha’ Ngobe wagaxela, wazithola emiswa emsebenzini emuva kokuphawula ngengoma kaShwi noMtekhala ethi Ngafa okwakumele idlalwe makuhlukana unyaka ngo-2005 ngoba ithole ukwesekwa kwakhulu futhi ishisa kodwa kwabhuntsha lokho emuva kokungenelela kwabaphathi abathi akudlalwe eyeMalaika ethi 2Bob.
Manje-ke abalaleli bayizwa leyo nkulumo futhi namanje basakholelwa ukuthi ndlela thize sikhona isandla semfene kulolu hlelo yize sekuvotwa futhi kunenkampani eqondene nokuhlola lomsebenzi kusuka uqala uze uphumele emoyeni.
Kuke kwaba neziphakamisa eziningi ukuthi uhlelo lokuvotela ingoma ezohlukanisa unyaka lungenziwa kanjani luthembeke, abanye beveza ukuthi ingoma ehlukanisa unyaka ayivotelwe abasakazi, kuqokwe edlalwe kakhulu esiteshini ngalowo nyaka noma ethengwe kkakhulu.
Ibikhona neminye imibono engiye ngazithela phezu kwayo kodwa engibona ukuthi ungaqeda ukukhuluma ukuba umculo kamaskandi unikezwe ithuba lawo wodwa. Ngineqiniso ukuthi baningi abaxhasi abangafuna ukuxhasa lolo hlelo. Nalo lwenziwe lugqame, futhi akungabazeki ukuthi abalandeli bawo lomculo bengasheshe beluseke ngoba abacushwa.
Ndlelathize lokhu kungehlisa umsindo ngoba kahlehle kulento kamaskandi indaba inabaculi ababili, uKhuzani Mpungose noMthandeni Manqele osekuhleze kungathi ingoma ehlukanisa unyaka ingabo.
Lolu hlelo lungafakwa emini lwenziwe yibo abasakazi bakamaskandi noma labo abayobe beqokwe isiteshi ngaleso sikhathi.
Abanye bake baphakamisa ukuthi kulolu hlelo lokuhlukanisa unyaka awukhishwe umaskandi, cha mina ngithi awungakhishwa kodwa okungenani igiya lizothi ukwehla kancane uma sekuvotwa kaningi futhi ezinhlelweni ezihlukene. Nabadayisa izimbuzi bazokhathala.
Leli kungaba ithuba lesiteshi lokwenza imali eningi ngalo mculo kube kwehliswa umdlandla owenza umsindo wokuklwebhana nokusolana.
Nakuba sengikushilo konke lokho kubalulekile ukuba isiteshi siyilalele imibono yabalaleli baso okuyibo abasibeke kule ndawo esikuyo. Noma ngabe kuzwakala kukuhlaza abakushoyo noma kungathi abakhanyiselekile ekuhlaziyeni kwabo, kodwa ngikholwa ukuthi kukhona lapho imibono yabo engalekelela khona ukudala isimo esinokuthula futhi esidala uzinzo nenjabulo engalandelwa zinkulumo ezinenhlabathi.
*Ungaxhumana nomhleli kuleli kheli le-email: editor.umkhaya@gmail.com noma ku-Whatsapp [0795239786]