IzindabaUmculo

UZANDIE KHUMALO UTHI ‘IZOHLANYISA’ ABANTU INGOMA AYIKHIPHILE

UMCULI wakuleli ongudadewabo ka-Kelly Khumalo, uZandie Khumalo ukhiphe ingoma eyi-single ethi Messiah athe akangabazi ukuthi izohlanyisa abantu njengoba kuza isikhathi samaholisi kancibijane. UZandie ukhiphe ingoma yakhe yokuqala ngo-2018, eyayithi Izikhali ZamaNtungwa.

Ekhuluma neziko lezindaba i-TimesLIVE uZandie uthe ingoma yakhe iyingoma yokudansa ewuhlobo lwe-midtempo, wengeza ngokuthi uvuleleke kakhulu mayenza umculo njengoba enza i-afropop. maskandi nowokholo.

“Njengoba siya esikhathini sikancibijani ngicabange ukuthi ngiqophe ingoma eyi-midtempo futhi ngayo ngibe ngidumisa uNkulunkulu ngoba akumele simkhohlwe. Lo Messiah engikhuluma ngayo uNkulunkulu”, kusho yena.

“Sisesikhathi sokukhishwa kwama-single kanti ngine-album ephelele esengiqedile ukuyenza kodwa angikholwa ukuthi ngikulungele ukuyikhipha okwamanje. Futhi angazi noma ngiyoke ngikulungele yini ukuyikhipha ngoba umkhakha esikuwona uyashintsha njalo. Noma ngabe uwungcweti onjani emculweni abantu abasenaso isikhathi sokulalela izingoma eziyishumi nantathu ozikhiphayo.

“Abantu sebejwayele kakhulu ama-single manje, ngoba ngeke ngikwazi ukhipha i-album enezingoma eziyishumi nantathu okwamanje angibanike eyodwa noma ezimbili. Kulolu hlobo lo mculo esiwenzayo lapho siqopha khona ne-band futhi senza izinkundla zomculo, kuyabiza ukuqopha, ngakho angifuni ukuzichithela isikhathi futhi ngimoshe izingoma zami ngokuzihlanganisa kwi-album eyodwa”, kusho uZandie.

UZandie uthe kule ngoma yakhe entsha usebenze noScelo Nkomo we-Woodblock DJ’s kanye no-Blaq Major wengoma egila izimanga kulezi nsuku ethi Sdakiwe Sbali.

“Emasontweni ezayo ngizobe ngimatasa ngihambela iziteshi zikamabonakude, kodwa okwamanje ngisaqhubeka nokuqopha ezinye izingoma, kanti khona nabanye abaculi engicula ezingomeni zabo. Isikhathi sikancibijane sibalulekile kuwo onke amaciko aqophayo, ngakho kumele sisebenze kanzima ukukhiphela abalandeli bethu umculo osezingeni.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.